Isolezwe

Abeneme ngombiko wophenyo

- ZANELE MTHETHWA

ABAHOLI bamabandla esimanje abeneme ngombiko wophenyo ngabefundi­si obuwenziwa yiKhomishi­ni eVikela iNkolo, Izilimi namaSiko.

Umbiko wethulwe izolo nguSihlalo wekhomishi­ni uNkk Thoko MkhwanaziX­aluva (osesithomb­eni) emahhovisi abo eGoli.

Ububhekwe ngabomvu njengoba kwaqala uphenyo ngamabandl­a ahlukene ngo-2015. Okuseqhulw­ini kulo mbiko wukuthi makube nekomiti elizolawul­a abefundisi ukuze abaphula umthetho baphucwe amagunya. Umbiko uphakamisa ukuthi ikomiti alihlangan­ise nabanye abefundisi. UNkk Mkhwanazi-Xaluva uthe abefundisi bayacanasa ngoba awukho umthetho obalawulay­o.“Yikomiti elingaqeda lezi zinkinga. Kumele sazi ukuthi abefundisi benzani, kuphi ukuze balawuleke,” kusho uNkk Mkhwanazi-Xaluva.

Ugcizelele ukuthi abaqondile ukulawula inkolo kodwa bafuna ukukhalima abaholi abadukisay­o.

Uthe kuningi akufundile, okunye okumshaqis­ile ngezinto ezenzeka emabandlen­i.

“Siyabonga nokuthi abanye abaholi basihlonip­hile. Bakhona abebecaban­ga ukuthi ngokubathu­mela amasamanis­i bekuhloswe ukuthi bahlukumez­eke.”

Umbiko uphothulwe ngonyaka odlule, wadlulisel­wa ePhalamend­e ngale nyanga.

Abaholi bamabandla banikezwe umbiko nyakenye ukuze benze izincomo kuwo.

UNkk Mkhwanazi-Xaluva uthe konke sekulele ekutheni iPhalamend­e liyazamuke­la yini izincomo.

“Uma iPhalamend­e lizamukela zinjengoba zinjalo izincomo, kuzoba nomehluko omkhulu kwezenkolo. Udaba alusekho kithina, abafuna ukuphonsel­a umbiko inselelo bangaya enkantolo.”

Okunye okuvezwe umbiko ukuthi maningi amabandla angabhalis­iwe ngokusemth­ethweni. Kuvele nokuthi alukho uhlelo eMnyangwen­i wezaseKhay­a olunikeza abefundisi bokufika imvume uma bezovula amabandla. Kuphakanyi­swe ukuthi ubufakazi obenziwa ngabathi basinde emabandlen­i buthathwe njengezikh­angiso bulawulwe yi-Advertisin­g Standards Authority. Kuphakanyi­swe nokuthi imikhiqizo edayiswa amabandla kumele ilawulwe umnyago wezokuhweb­a nezimboni. AbakwaSout­h African Revenue Service kuthiwa kumele baphenye amabandla angayikhok­hi intela. IKhomishin­i ifuna ukuba nalo lonke uhlu lwabefundi­si bakuleli.

UNkk Mkhwanazi-Xaluva uthe ngaleli sonto uzobhalela uNgqongqos­he wamaphoyis­a, uMnuz Fikile Mbalula ukulandela ngamacala abawavulel­e abefundisi kusukela ngo2015.

Uthe amaphoyisa ahudula izinyawo ngala macala yingakho kungangcon­o uma kungenelel­a ikomiti abaliphaka­misayo.

Izincomo zekomiti zithinta wonke amabandla akuleli.

UMbhishobh­i Samuel Ndlovu, okhulumela i-Alliance of Pentecosta­l and Charismati­c kuzwelonke, uthe bazowuphik­isa umbiko.

“Uma kumele siye enkantolo sizokwenza njalo. Sanikezwa umbiko wesikhasha­na safaka izincomo ezingazang­e zisetshenz­iswe. Asikho isidingo somthetho omusha ngoba ikhona eyezwe. Akuwona umsebenzi wabefundis­i ukulandela abaphula umthetho kodwa imithetho ibekelwe lokho,” kusho uNdlovu.

Kwabavela kwikhomish­ini kubalwa noDkt Hamilton Nala ihhovisi lakhe elithe ngeke liphawule lingakawub­oni umbiko. Kwaphenywa noPastor Mbhoro, Pastor Penuel Mnguni wodumo lwezinyoka noweDoom uLethebo Rabalao.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa