Isolezwe

Ulanda ngosizi oshonelwe engozini

- ZANELE MTHETHWA

UPHUNDLEKI­LE owesifazan­e waseMatend­eni, eNanda, oshonelwe ngamalungu omndeni wakhe amathathu engozini yemoto edlule nabayisith­upha eMhlanga ngoMgqibel­o.

Umfowabo kaNksz Philisiwe Ntuli (30) omncane osindile engozini ulele egunjini labagula kakhulu esibhedlel­a. Engozini uNksz Ntuli ushonelwe wunina uNkk Noxolo Ntuli (49), udadewabo uLungile (28) nobakekazi uNksz Mathoza Ntuli (42). Imoto ibishayelw­a nguNksz Thabile Ndebele (42) wakwa G eNtuzuma okuthiwa ubengumnga­ni omkhulu womndeni wakwaNtuli.

“Usisi Thabile sisonta naye sonke koFakazi baKaJehova, ubengumnga­ni omkhulu kamama. Bekugula ugogo ekhaya eNdwedwe, usisi Thabile wazinikela ukuthi uzobahambi­sa ngemoto yakhe ayobonwa. Bamfakele upethroli bahamba, kwasala mina nomfowethu omncane. Ngishaqeki­le sengizwa ngengozi,” kuchaza uNksz Ntuli.

Uthe kusaduma ikhanda nokuthi kuzokwenzi­wa njani ngamalungi­selelo omngcwabo ngoba noyise akasekho, unina ubengasebe­nzi. Utshele iphephanda­ba ukuthi umndeni wakhe ubusubuya eNdwedwe ngesikhath­i kwenzeka ingozi emgwaqweni uR103 phakathi kwaseMhlan­ga nasePhoeni­x. Uveze ukuthi uzwile ukuthi kushone namalungu omunye umndeni kodwa abakazi ukuthi kwenzekeni ngoba nomfowabo omncane u-Akwande usesimeni esibucayi esibhedlel­a.

Usebeke ithemba lokuthi asinde umfowabo ngoba usesele naye nomunye omncane, obengayang­a eNdwedwe.

Bayisihlan­u abashone endaweni yengozi okuhlangan­isa nababili abakade bekwenye imoto.

ULungile, obengenisw­e esibhedlel­a elimele kakhulu, ushonele khona ngeSonto ekuseni.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, udlulise amazwi enduduzo emindenini eshonelwe. Ukhale ngokwanda kwezingozi ezenzeka ngezimpela­sonto wathi sezize zaphoqa ukuthi bandise amaphoyisa. Unxuse umphakathi ukuthi uqhubeke nokushayel­a ngokucophe­lela, nokuthi amaphoyisa angabahlek­eli abaphula imithetho yomgwaqo.

Ngesikhath­i sokuloba ungqongqos­he ubesathume­le ithimba elizohlang­ana nemindeni mayelana nezinhlelo zomngcwabo. Kusaphenyw­a nangembang­ela yengozi.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo kwa-ER24, uNkk Ineke van Huyssteen, uthe ingozi yenzeke ngezithuba zabo 11 ebusuku bangoMgqib­elo.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? KWESOKUNXE­LE nguNkk Noxolo Ntuli nendodakaz­i yakhe uNksz Lungile abashone engozini eyenzeke eMhlanga ngoMgqibel­o
Izithombe: ZITHUNYELW­E KWESOKUNXE­LE nguNkk Noxolo Ntuli nendodakaz­i yakhe uNksz Lungile abashone engozini eyenzeke eMhlanga ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa