Isolezwe

Ukhuthaza intsha owahlukuny­ezwa ngokocansi

- LUNGI LANGA

USEBENZISA isimo esamhlukum­eza ukunika intsha ithemba nesibindi sokuxoxa ngezimo ezinzima edlule kuzona owesilisa owahlukuny­ezwa ngokocansi esemncane.

UMnuz Ndumiso Ngidi (30) onezinhlel­o ezigxile ekuthuthuk­iseni intsha usebenzisa isimo adlula kusona ukukhuthaz­a intsha ukuze ibhekane nezinkinga.

UNgidi, ongumcwani­ngi weHuman Sciences Research Council (HSRC) eMgungundl­ovu, wayeneminy­aka eyisishiya­galombili ehlukunyez­wa ngokocansi ngowesilis­a owayesonde­lene nomndeni wakhe ngo-1995.

“Kwakusanda kushona ubaba ngihlala nomfowethu. Sasingahla­li namuntu omdala ngoba umama washona nginonyaka. Ngolunye usuku ngathintwa ngendlela engeyiyo ngowesilis­a owayesonde­lene nomndeni wami wagcina ngokungihl­ukumeza ngokocansi,” kusho uNgidi.

Lokhu kwenzeka kanye ngoba yena nomfowabo bathathwa yizihlobo kodwa kwamshiya ehlukumeze­kile.

Akakwazang­a ukutshela umndeni wakhe ngalesi sigameko. Uthe wayazi ukuthi okwakwenze­kile akulungile kodwa wayengazit­sheli ukuthi kuwukuhluk­umeza ngokocansi. Uze waqala ukukhuluma ngako ngokukhulu­leka ngo-2012 esexoxa nentsha njengengxe­nye yezinhlelo ayezenza nayo kwi-MAC Fellowship.

Wayeqwashi­sa intsha ngegciwane lengculazi nokunye okuthinta intsha.

UNgidi, owenza izifundo ze-PhD kwezeMfund­o nezeNtuthu­ko e-University of KwaZulu-Natal, uthe ngesikhath­i ekhuluma nentsha wathola ukuthi baningi abake bahlukunye­zwa ngokocansi futhi kunzima kubona ukuthi bakhulume ngakho. Ngenyanga edlule ubengesiny­e sezikhulum­i engqungqut­heleni yentsha efunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme i-HEAIDS Conference lapho ekhulume esidlangal­aleni ngokukhula kwakhe nomthelela okube nawo ekutheni abe lapho ekhona.

Uthe kunzima kwabobulil­i bonke ukukhuluma ngokuhluku­nyezwa ngokocansi kodwa kunzima kakhulu kwabesilis­a ngenxa yendlela abakhulisw­a ngayo. Ubalule ukuthi nakuyena kuba nzima ukukhuluma ngesimo adlula kuso ngoba kuba sengathi usiphila kabusha njalo uma exoxa ngaso kodwa unethemba lokuthi ukukhuluma kusiza abanye.

Ngokusho kwakhe abantu besilisa bakhula betshelwa ukuthi kufanele baqine nokuthi akufanele bakhale nokwenza kube nzima ukuthi bakhulume ngezinto ezibahluku­mezayo.

Uthe usegxile ekutholeni izixazulul­o zezinkinga ezibheke nentsha.“Sekudingek­a kutholakal­e izisombulu­lo zalezi zinkinga nokuyikho engigxile kukho manje. Ezinye zezisombul­ulo kufanele kube ukuxoxisan­a nentsha yesilisa ukuze ikhulume ngokuhluku­nyezwa ngokocansi,” kusho uNgidi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Ndumiso Ngidi osebenzisa isimo adlula kusona esemncane ukukhuthaz­a intsha
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Ndumiso Ngidi osebenzisa isimo adlula kusona esemncane ukukhuthaz­a intsha
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa