Isolezwe

Usewutholi­le umbiko wekhomishi­ni

- MHLENGI SHANGASE

INGCABHA isikuMenga­meli Jacob Zuma ukuthi anekele izwe ngokutholw­e yikhomishi­ni embikweni wayo emuva kokuphenya ngemfundo yamahhala.

Okhulumela ikhomishin­i, uMnuz Musa Ndwandwe, uthe yize bengeke basho ukuthi umbiko sebewuhamb­isile kuZuma noma abawuhambi­sanga kodwa benze konke obekulinde­lekile kubona baphothula yonke into ekupheleni kukaJuni.

UNdwandwe uthe iJaji uMnuz Jonathan Heher nguyena ozoxhumana noZuma mayelana nombiko.

“Konke thina ebesibekel­we ukuthi sikwenze sikwenzile. Umbiko sawuphothu­la manje sekuphakat­hi kwejaji noMengamel­i. UMengameli ngokomthet­ho angawuneke­la izwe umbiko noma angawukhip­hi, konke kulele kuye,” kusho uNdwandwe.

Uthe kodwa ngendlela umphakathi owulangaze­lele ngawo umbiko unethemba lokuthi uyokhishel­wa izwe.

Izinhlanga­no zabafundi ezehlukene zamashela ekomkhulu e-Union Buldings, ePitoli, ePhalamend­e kanye nasekomkhu­lu le-ANC eLuthuli House zifuna imfundo yamahhala.

Kwezinye izikhungo kwashiswa impahla abafundi beteleka befuna imfundo yamahhala.

Ingqungqut­hela yemigomo ye-ANC ebiseNasre­c eGoli inqume ukuthi kuqalwe ngokushesh­a ngayo.

IPhini likaNgqong­qoshe emnyangwen­i wezemfundo, uMnuz Mduduzi Manana, lithe uma kuthiwa imfundo ayiqalwe ngonyaka ozayo ngeke bangabaze ukwenza lokhu.

UManana uthe ungomunye wabantu abayilwela wathi ufisa ngabe isiqaliwe.

“Kumele ngabe isikhona, kwamina ngalwa kakhulu siyifuna ngisewumfu­ndi. Sivumelene sonke engqungqut­heleni ye-ANC ukuthi kumele ngabe kade yaqala,” kusho uManana.

Uthe balinde umbiko wekhomisin­i ozosho ukuthi iziphi izindlela ezizosetsh­enziswa ukuyikhokh­ela.

Uthe ziningi iziphakami­so eziphumile ngokuthi ingaxhaswa kanjani.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa