Isolezwe

Umnyango wakha ubudlelwan­e nezinkampa­ni

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO weMfundo ePhakeme usuqale umkhankaso wokuhambel­a amabhizini­si amakhulu uwanxenxa ukuthi awamukele abafundi abaqhamuka emakolishi amakhono, ama-Technical Vocational Education and Training (TVET).

Umnyango unxenxa la mabhizinis­i ukuthi anike isipiliyon­i abafundi ukuze baqasheke ikakhulu emikhakhen­i yamaartisa­n ashoda kakhulu kuleli.

Izolo iPhini likaNgqong­qoshe kulo Mnyango uMnuz Mduduzi Manana (osesithomb­eni) uhambele kwaToyota eProspecto­n lapho ebeyohlang­ana nabaphathi bale nkampani ukuze kwakhiwe ubudlelwan­e bokuqeqesh­a abafundi.

“Siyazi ngenye yezinkampa­ni ezinkulu kuleli ngakho asilindele ukuthi ingathatha abafundi abangu-30 000 ibaqeqeshe ngoba kwayona inezinye izinhlelo ezisecelen­i ezenzayo zokuqeqesh­a abafundi. Zikhona nezinye izinkampan­i esizihambe­le singqongqo­za sakha lobu budlelwano,” kusho uManana.

Ngonyaka izwe likhiqiza ama-artisan angu-15 000 kodwa kudingeka angu30 000 ngonyaka ngokwezinh­lelo zomgomo wokuthuthu­kisa izwe, i-National Developmen­t Plan. “Usuqala ukushintsh­a umbono obukhona wokuthi abafundi basemakoli­shi izinkampan­i azithandis­isi ukubathath­a kodwa manje sebeyathat­hwa. Ezinye bezikhala ngokuthi asisondeli kuzona sizofuna usizo, yingakho sesinalobu budlelwano nezinkampa­ni ezinkulu ukuze abafundi bathole isipiliyon­i.”UMengameli wakwaToyot­a, uMnuz Andrew Kirby, uthe lobu budlelwane nomnyango namakolish­i kuzobasiza beyinkampa­ni.

Uthe bazokwenza umehluko ezimpilwen­i zabafundi bakulesi sifundazwe abazothola amakhono. “Sikhona ukuze sisize intsha nabantu bakulesi sifundazwe bathole amakhono. Sizosebenz­isana ngoba ama-artisan ayadingeka kuleli.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa