OweDA ne-IFP engcupheni yokubhidlika
USENGCUPHENI yokubhidlika umshado we-IFP ne-DA ezweni lonke ngemuva kokuqubuka kokungaboni ngasolinye phakathi kwala maqembu mayelana nodaba oluthinta iMeya yaseNdumeni eNyakatho yeKwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Mbatha.
I-DA isola i-IFP ngokuthi ingena ezintangeni ngolokuthathela uMbatha izinyathelo ngodaba lwenkohlakalo.
I-DA ithi inobufakazi ebuthumelele i-IFP mayelana nezinsolo zenkohlakalo ngoMbatha kodwa yangenza lutho.
Isabisa ngokuthi izogodla ivoti layo, lokho okungaholela ekutheni umkhandlu uwele kwi-ANC. I-DA ne-IFP bashade nyakenye ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya.
I-ANC inamakhansela ayisithupha eNdumeni, i-IFP inamathathu, i-DA mabili kanti i-EFF inelilodwa.
Uma i-DA igodla ivoti layo i-ANC ingawuthatha umkhandlu, uma i-DA ivota ne-IFP zizoba ntanganye bese uSomlomo uNkk Bongiwe Mbatha-Makhathini we-IFP enquma ukuthi umkhandlu uphathwa ngubani elawulwa umgomo wokusebenza kwemikhandlu.
Umholi we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango uthe bafuna i-IFP ibatshele ukuthi izokwenzenjani ngezinsolo ezibikwayo ngoMbatha ngaphambi kokuthi ithathe isinqumo.
UMncwango uthe bazimisele ngokubambisana ne-IFP uma izokhombisa ngezenzo ukuthi ayihambisani nenkohlakalo.
“Ngeke siyinike i-ANC amandla kodwa sifuna izinto zenziwe ngendlela efanele ngoba kunesithunzi okumele sisivikele njengoba saziwa njengenhlangano engahambisani nenkohlakalo,” kusho uMncwango.
USihlalo we-IFP kuzwelonke uMnuz Blessed Gwala uxwayise i-DA ngokuthi kumele ikhumbule ukuthi uma iNkatha iwa, ngeke iwe yodwa.
“Sinesivumelwano sokusebenzisana ne-DA ezingeni likazwelonke, kubalulekile ukubambisana, ayikwazi i-DA ukungavoti nathi eNdumeni ngoba kuzobe kusho ukuthi iyasikheqa, uma siwa kumele yazi ukuthi ngeke siwe sodwa,” kusho Gwala.
UGwala unxuse i-DA ukuthi ibaseke ukuze i-ANC ingathathi umkhandlu.
Imenenja ehhovisi likaMbatha, uMnuz Sibongiseni Mosia ithe ziningi izinhlelo eziphazamisekayo njengoba kunokungaboni ngasolinye eNdumeni.
“Kunohlelo lokwakhiwa kwesikole nenkulisa ku-ward 6, olungaqhubeki ngenxa yombango. manje inkampani yemayini ebithembise uxhaso lukaR23 million, ifuna ukuluholixa,” kusho uMosia.
UMosia uthe lo mdlalo wepolitiki odlalwayo uphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini.
“Labo abasola imeya ngenkohlakalo kumele basho ukuthi yenzeni baveze ubufakazi,” kusho uMosia. Uthe bayazi ukuthi kunetulo lokuzama ukuphazamisa ukusebenza komkhandlu elithungwa yizimbangi zabo.