Isolezwe

Amaphoyisa axoshe amaphara ahlala kujantshi wesitimela eBerea

- BONISWA MOHALE

KUPHELILE ngamaphara ahlala ngaphansi kukajantsh­i wesiteshi sesitimela eBerea, eThekwini, emuva kokuthi amaphoyisa kaMasipala weTheku ehambisana nakahulume­ni egasele kule ndawo awasusa.

Amaphara athuthelwe ezikhungwe­ni ezigcina abangenama­khaya.

Sekuphele iminyaka emihlanu amaphara engaphansi kukajantsh­i, aqala ehlala eduze kwerenke yamatekisi ase-Eastern Cape, kwathi uma esuswa ngosomatek­isi angena e-Albert Park, uma esuswa khona ayozifihla kujantshi wesitimela.

Esitatimen­deni esithunyel­we nguNksz Tozi Mthethwa oyiNhloko yezokuXhum­ana kuMasipala weTheku uthe amaphoyisa agasele kujantshi wesitimela ngenhloso yokususa amaphara.

“Sihambe namaphoyis­a kahulumeni, akaMasipal­a weTheku, abakwaMetr­orail nezinye izinhlaka ezithintek­ayo ukususa amaphara.

“Amaphoyisa aphinde akhuculula nezindawo ezithathwa njengezigc­wele ubugebengu eThekwini futhi azoqhubeka nokugasela kuzona,” kusho uNksz Mthethwa.

Uthe angaphezu kuka-30 amaphara asusiwe kujantshi wesitimela kwasuswa nezithiyo akade ezibekile.

Lezi zithiyo bezingapha­zamisa ukuhamba kwezitimel­a nabagibeli bezitimela.

USenior Superinten­dent Sibonelo Mchunu okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku osabambile uthe amaphoyisa azogasela ezindaweni ezinobugeb­engu obuningi ukuze izakhamizi zihlale ziphephile.

“Sizimisele ukwenza iTheku indawo ephephile, ehlanzekil­e lapho izakhamizi zizohamba ngokukhulu­leka. Ukuhlala eduze kukajantsh­i wesitimela kuyingozi kumaphara, kwingqalas­izinda nakubagibe­li besitimela,” kusho uMchunu.

Uthe baqale ekuseni ukukhuculu­la leya ndawo kwaze kwaba semini beqiniseki­sa ukuthi amaphara ayasuka kujantshi.

Uveze ukuthi bazoqhubek­a nokusukume­la phezulu uma abantu bebanga umsindo eThekwini, bekhala ngabahlala emgwaqweni namaphara alala ngaphandle kwamabhizi­nisi eThekwini nalabo abachama esidlangal­aleni.

Imeya yathembisa ukuthi amaphara azokwakhel­wa isikhungo sokufundis­a ngamakhono.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa