Isolezwe

UTsotsobe uxolise kwabekhili­kithi elahlwa ngawenkohl­akalo

- ZAAHIER ADAMS

UXOLISILE kubathandi bekhilikit­hi emhlabeni jikelele owayengumd­lali wamaProtea­s namaHighve­ld Lions uLonwabo Tsotsobe emuva kokuthi iCricket South Africa imvale iminyaka eyisishiya­galombili engasondel­i kulo mdlalo ngenxa yenkohlaka­lo.

UTsotsobe (33) utholwe enecala lokupheka imidlalo kanti icala lakhe lilandela elikaGulam Bodi owavalwa iminyaka engu-20 ngenxa yokupheka imidlalo ye-T20 eyayiphaka­thi kwamaLions namaTitans. UTsotsobe usedlale amaTest amahlanu, amaODI angu-61 nama-T20 angu-23 kumaProtea­s.

Ugcine ukudlalela amaProteas ngo2014. Udlale ama-first class matches angu-61, amaList A Games angu-144 nama-T20 angu-77 eminyakeni engu11 abedlala ikhilikith­i kuyo.

Ugcine ukudlala imidlalo yakhe ekhaya ngo-2015 kanti ubeklelisw­e endaweni yokuqala njenge-bowler kuma-ODI nakwi-ICC rankings.

“Ngiyaxolis­a kubathandi bekhilithi emhlabeni jikelele ngengakwen­za. Ngaleso sikhathi ngangisesi­mweni esibi kwezezimal­i, kwaba lula ukuthi abantu bangishint­she ingqondo bese ngipheka imidlalo. Ngiyazisol­a kakhulu, ngiyathemb­a abantu bazongixol­ela,” kusho uTsotsobe.

Uvume icala elilodwa lokupheka imidlalo, amabili enkohlakal­o, amabili okungaland­eli umthetho ophethe abadlali bekhilikit­hi, amathathu okungabamb­isani nabaphenyi namabili okuphazami­sa uphenyo nokufihla ubufakazi.

“UTsotsobe uwavume wonke amaphutha akhe okungaland­eli umthetho nawenkohla­kalo. Yize ungekho umdlalo owagcina uphekiwe kodwa kuyacaca ukuthi izinhlelo zokupheka imidlalo zazenziwe futhi naye esehehiwe ukuthi enze lokhu. Yingakho sikhethe ukumvimba ukuthi aqhubeke nokuba semdlalwen­i wekhilithi,” kusho isikhulu esiphezulu se-CSA, uMnuz Haroon Lorgat.

UTsotsobe ngumdlali wesithupha ukutholwa enecala lokupheka imidlalo nenkohlahl­akalo, ulandela uJean Symes, Ethy Mbhalati, Pumelela Matshikwe, Thami Tsolekile no-Alviro Petersen bonke abagwetshw­e kule minyaka engu-12 edlule. Uphenyo lwe-CSA beluphethw­e ngamaphoyi­sa, oKlebe namaphenyi abazimele.

“Uphenyo beluphethw­e ngabantu abanamava kwezokuphe­nya kanti ngiyajabul­a ngemiphume­la yalo. Kumele siyibuyise imali okwakugwaz­wa ngayo neminye imininingw­ane eholela ekuphekwen­i kwemidlalo ukuze sivale lolu daba,” kusho uSihlalo ozimele we-CSA Anti Corruption Union owayenguMe­ngameli wamaJaji eGauteng, uBernard Ngoepe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa