Isolezwe

Usizwe wukuzifisa kuhlaselwa e-tavern

- KHULEKANI MASEKO

UTHUKA izanya owesilisa osinde ngesikhath­i abasolwa bevulela ngenhlamvu bebhekise kwabebezih­lalele endaweni yokucima ukoma, eseNtembis­weni ngaseGreyt­own, ngeSonto ebusuku.

Kulesi sigameko kushone amadoda amabili amagama awo angakadalu­lwa, kuze kube kukhulunyw­a nemindeni.

Umthombo okhulume neSolezwe, obewuhambi­sana nomunye wabashonil­e uthe bebephuma odwendweni obelukwesi­nye isigodi.

Uthe badlule endaweni yokucima ukoma ngenhloso yokushaya iziphuzo ezimbalwa ngaphambi kokuthi baqhubeke nendlela.

“Ngesikhath­i sisahleli kungene umlisa othile waphinde waphuma ngokushesh­a. Babuye sebebabili, abazange besabuza lutho bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kumufi. Baphenduke­le kuwona wonke umuntu osendlini. Ngiziwise phansi samuntu odubulekil­e,” kusho umthombo.

Uthe bekungazan­ge kube khona ngxabano nabahlasel­i.

Uveze ukuthi oyedwa wabashonil­e ubengahlal­i endaweni, ubesebenza eThekwini.

Ubephuthum­a ukuyolungi­selela ukubuyela emsebenzin­i.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe: “Abesilisa ababili bashonele endaweni yesehlakal­o kwathi oyedwa waphuthuny­iswa esibhedlel­a elimele kabi. Kuvulwe amacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyis­a saseMatima­tolo. Imbangela yalokhu kuhlasela ibingakazi­wa, amaphoyisa ayaphenya.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa