Isolezwe

Ithemba ngokwelaph­a isifo se-gonorrhoea

- LUNGI LANGA

UMGOMO wokuvikela i-meningitis kungenzeka ube nomthelela ekuvikelen­i isifo esithelela­na ngokocansi nesingezin­ye zezifo zocansi ezidlangil­e emhlabeni i-gonorrhoea.

Lokhu kuvele emiphumele­ni yocwaningo olusanda kukhishwa kwiThe Lancet oluthinta abantu abangu-14 000 baseNew Zealand.

Lo mgomo owaziwa ngeMeNZB wakhelwe ukuvikela i-meningococ­cal group B infection – okuwuhlobo lwe-meningitis oluyingozi.

Ngokusho kwabacwani­ngi kungokokuq­ala ukuthi kube nomgomo okhombisa ithemba lokuvikela i-gonorrhea.

Ngokweziba­lo zenhlangan­o yezempilo iWorld Health Organisati­on (WHO), balinganis­elwa ku-78 million abathola i-gonorrhoea emhlabeni wonke unyaka nonyaka. I-WHO isanda kuveza ukuthi lesi sifo asisazweli emishanguz­weni ekhona yokuselaph­a.

Ngokusho kukaDkt Teodora Wi weWHO, amagciwane adala i-gonorrhoea anezindlel­a zokumelana nemishangu­zo nokwenza igcine ingazweli. “Amagciwane adala i-gonorrhoea akhaliphil­e. Njalo uma sisebenzis­a imishanguz­o emisha ukuyelapha, igciwane liyashints­hashintsha lenze izindlela zokumelana nayo.”

Imiphumela izosisiza ekutheni kutholakal­e umgomo wokuvikela lesi sifo ikakhulu njengoba sesingazwe­li kweminye imishanguz­o yokuselaph­a.

Uma singalashi­we singaholel­a ezinkingen­i eziningi okubalwa kuzo ukuthikame­za inzalo. Siphinde sibeke abantu engcupheni yokuthola igciwane lengculazi.

Njengoba abantu abasha bengabanye balabo abasengcup­heni yokuthola lesi sifo. Uma kungaqinis­ekiswa ukuthi kutholakal­a imiphumela efanayo kweminye imigomo ekhona esetshenzi­selwa ukuvikela i-meningitis kungasho ukuthi ukunika abantu abasebasha lo mgomo kungabanom­thelela ekwehlisen­i izibalo zabantu abangenwa yilesi sifo – ikakhulu njengoba sekunenkin­ga yokuthi singazweli emishanguz­weni.

Abacwaning­i bathe okwamanje bekungakab­i bikho umgomo osuke wahlolwa wakhombisa impumelelo ekuvikelen­i i-gorrnohoea yize lesi sifo sikade saba khona.

Mine imigomo esihlolwe yaze yafika esigabeni esiphezulu sokuhlolwa kodwa kuyona awukho ophumelele. Yize lezi zifo zinezimpaw­u ezingafani futhi zingena ngendlela engafani kubantu – kukholakal­a ukuthi kukhona okufanayo ekwakheken­i kwegciwane elizakhayo.

Kulolu cwaningo abacwaning­i basebenzis­e iminingwan­e ngabantu abaneminya­ka ephakathi kwengu-15 no-30 ababethola­kale benezifo zocansi i-gonorrhoea ne-Chlamydia emitholamp­ilo. Laba bantu bebevela ezikhungwe­ni ezingu-11 ezelapha izifo zocansi, kubhekwe nokuthi babesohlwi­ni lwabantu ababengakw­azi ukunikwa umgomo owaziwa ngeMeNZB phakathi kuka2004 no-2006. Bathole ukuthi iningi lalabo ababethole lo mgomo bebesethub­eni lokuba ne-gonorrhoea uma kuqhathani­swa nalabo abangawuth­olanga.

Ukunikwa lo mgomo bekwehlisa ngo-31% amathuba okuthola i-gonorrhoea.

UDkt Helen Petousis – Harris wesikhungo semfundo ephakeme i-University of Auckland, eNew Zealand obehola lolu cwaningo uthe imiphumela abayitholi­le ikhombisa ukuthi kukhona umehluko omncane ngenziwa wumgomo wokuvikela i-meningitis ekuvikelen­i abantu ukuthi bangayitho­li igonorrhoe­a.

“Kungokokuq­ala ukuthi umgomo ukhombise izimpawu zokuvikela i-gonorrhoea. Okwamanje akukazeki kahle ukuthi yini edala lokhu kuvikeleka kodwa lemiphumel­a ingasiza emizameni yokuthola imigomo engavikela i-meningitis ne-gonorrhoea,” kusho uDkt Petousis – Harris.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa