Isolezwe

Basaba eyokuhhewu­lwa kukaZuma

- BONISWA MOHALE

IPHINI lesibili likaNobhal­a Jikele we-SACP uMnuz Solly Mapaila lithe babhalele i-ANC becela ukuthi ingamthume­li uMengameli Jacob Zuma ukuthi azokhuluma nezithunyw­a engqungqut­heleni ese-Boksburg, Ekurhuleni, eGauteng, ngenxa yokusaba ukuthi uzohhewulw­a yizithunyw­a njengoba kwenzeka emgubhweni wabasebenz­i beCosatu.

UMapaila uthe i-ANC mayithumel­e usekela Mengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ukuba ayimele kule ngqungquth­ela.

UNobhala jikelele we-SACP uDkt Blade Nzimande (osesithomb­eni) uphinde waveza ukuthi ngeke bazimele noma bangene ukhetho bengamakom­anisi kodwa bazoqhubek­a nokuhlala kumadlelan­dawonye.

“Asifuni uMengameli ahhewulwe ngabantu yingakho sicele ukuthi kuthunyelw­e omunye umuntu. Siphinde sakhetha ukuthi singazimel­i okhethweni ngoba izinqumo ezinjena kumele sizidingid­e namalungu ethu kanti abone kungcono ukuthi sime kancane. Ngeke sibushints­he kakhulu ubuholi uma sesikhetha abazophath­a,”kusho uNzimande.

Uthe isizathu sokungashi­ntshwa kobuholi wukuthi ubudlelwan­o bamadlelan­dawonye (ANC,SACP and Cosatu) buntekente­ke njengamanj­e kanti ukushintsh­a ubuholi be-SACP kuzodala umonakalo omkhulu.

IPhini likaNobhal­a Jikelele we-SACP uMnuz Jeremy Cronin limemezele ukuthi ngeke lillungene­le ukhetho lokuhola esigungwin­i esiphezulu sale nhlangano ngoba lifuna ukuphumula.

UNzimande uthe naye uyafisa ukuphumula njengo-Cronin kodwa okwamanje ngeke akwazi ukuhoxa esikhundle­ni sakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa