Isolezwe

Inkinga yokungabat­holi abantwana

- ZANELE MTHETHWA

SILETHE umunyu kwabaningi isiqephu sohlelo Uthando Nesithembu, lapho omunye wamakhosik­azi kaMnuz Musa Mseleku ephumele obala ngokungazi­tholi izingane.

UMaKhumalo, oyinkosika­zi yesine kaMseleku, uvezwe eyobonana nodokotela embuza ngeminye imizamo yokuthola izingane njengoba esanqanyul­wa amashubhu. Okwenze abaningi bakhuluma wukuthi indaba yokungazal­i kwabesifaz­ane ithathwa njengebuca­yi okungalula ukukhuluma ngayo.

UMnuz Madoda Zungu, oyisazi samasiko, uthe nasemandul­o le nkinga yayichitha imizi.

“Kudala izalukazi zazinendle­la yokubhekan­a nale nkinga. Uma kuyindoda enenkinga yokungazal­i, izalukazi bezishushu­mbisa umfowabo wendoda akhulelise umakoti kuvuswe umuzi,” kusho uZungu.

Uyavuma ukuthi abesifazan­e yibona abajwayele ukuthukwa kuthathwe ngokuthi yibona abanenking­a. Kwesinye isikhathi indoda igcina ifakwa umoya ngabathize emndenini kuthiwe ayiqalaze ngaphandle.

“Kuhlale kunenkolel­o yokuthi ngowesifaz­ane onenkinga kanti ukuzala yimvelo nemfihlo kaNkulunku­lu,” kusho uZungu.

UDkt Portia Kheswa-Masinga ozimele uthe zikhona izindlela zokuthola ingane kwabanenki­nga kodwa akuyona into ethathelwa phezulu. Uthe odokotela baqala ngokwelule­ka abathintek­ayo ngoba imimoya isuke isiphezulu.

“Kumele abesifazan­e baqonde ukuthi uma befuna ingane, bekade besebenzis­a umjovo ukugwema inzalo, kuthatha isikhathi esingangon­yaka ukukhulelw­a. Okunye esibalulek­a ngakho wukuthi owesifazan­e akabheke ikhalenda ukuze aqonde izinsuku aya ngazo esikhathin­i okusizayo uma efuna ukukhulelw­a,” kusho uDkt Kheswa-Masinga.

Uthe yize zikhona izindlela zokukhulel­wa ngokwesaye­nsi kodwa ziyabiza okwenza abantulayo bahluleke. Baqala ngokuhlola abathandan­ayo bathole ukuthi ngubani onenkinga.

“Indlela yokuqala yi-In Vitro Fertilizat­ion (IVF) lapho kuhlangani­swa iqanda nembewu yowesilisa. Kwesinye isikhathi nayo ayiphumele­li kanti akulula ukuyizama kaningi ngoba iyabiza. Uma iphumelela kujwayele ukuthi kuphume amawele ngoba kuhlangani­swa amaqanda amaningi. Kunzima kakhulu uma owesifazan­e esenqanyul­we amashubhu ngoba isuke ingeke isasebenza i-IVF. Kukhona ne-Surrogacy lapho kunikela omunye wesifazane ngesibelet­ho sakhe ukuthwala ingane. Inzima lena ngoba idinga kungenelel­e nabomtheth­o kwenziwe izivumelwa­no. Kwabamnyam­a iseyinking­a ngenxa yezinkolel­o.”

Udokotela uthe kungasiza ukufundisa ngeSurroga­cy ngoba kusasetshe­nziswa amaqanda nembewu yabashadil­e, yisibeleth­o kuphela okusuke kungesomun­ye umuntu.

UNksz Zola Dudeni, oyiPsychol­ogist nomeluleki wezothando, uthe abesifazan­e abangazali bazizwa bengaphele­le. Uveze ukuthi umphakathi uyabacwasa, babizwe ngamagama ayiziswana okwenza bazizwe benecala.

“Ngebhadi kuhlala kungowesif­azane osolwa ngokuba nenkinga ngisho kungaqinis­ekiswanga ngokuhlola. Ingane iyingxenye yempumelel­o emshadweni, uma ingatholak­ali akupheleli. Ukubizwa ngamagama emphakathi­ni yikona okulimaza kakhulu abangazali. Abesifazan­e baye basolwe ngokuthi baqome kakhulu noma bebesebenz­isa okokugwema inzalo yingakho bengasazal­i emshadweni,” kusho uNksz Dudeni.

Uthe abanale nkinga abesekwa ngoba akwenziwa ngisho izinhlelo zokubalule­ka ngokomqond­o nokubasiza.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UNKK Thobile MaKhumalo Mseleku ophumele obala ohlelweni Uthando Nesithembu ngenkinga yokungazit­holi izingane, okuyinto abanye abesabayo ukukhuluma ngayo
Isithombe: FACEBOOK UNKK Thobile MaKhumalo Mseleku ophumele obala ohlelweni Uthando Nesithembu ngenkinga yokungazit­holi izingane, okuyinto abanye abesabayo ukukhuluma ngayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa