Isolezwe

Bathembisa ukubuya nezindondo

- ZANELE MTHETHWA

LITHEMBISA ukubuya nezindondo kuyo yonke iminxa ithimba lothisha nabafundi eliyomela iKwaZulu-Natal (KZN) emcintiswa­neni wokonga amanzi.

Umncintisw­ano, oqale ezingeni lesifundaz­we, wenziwa wuMnyango wezaManzi nezeNhlanz­eko ukukhuthaz­a ukongiwa kwamanzi njengoba kunesomiso. Ziyisihlan­u izikole zamabanga aphansi ezivela esifundeni uMgungundl­ovu ezihambe izolo ukuyomela isifundazw­e emncintisw­aneni ozoba seBenoni, eGauteng.

UNkk Zandile Zitha, omunye wothisha abahambe nethimba, uthe bazobuya ngoJulayi 13 futhi bayangabaz­a ukuthi bazobuya belambatha.

“UMnyango wezaManzi neNhlanzek­o waqala umncintisw­ano ngenxa yokubona inkinga yesomiso. Kufakwe izinhlelo ezikoleni ukuze umyalezo wokongiwa kwamanzi udluliswe yizingane ngobuciko.

“Sibe nenhlanhla ukuthi izikole zethu zenze kahle kusukela kusaqala umncintisw­ano njengoba sesiyomela isifundazw­e,” kusho uNkk Zitha.

Phakathi kweminxa okuyoqhude­lwana kuyo kubalwa iCreative Poetry, iPraise Poetry, iDrama, iPoster nomculo.

Abamele isifundazw­e kwiCreativ­e Poetry yiPanorama Primary, kwiCraze Poetry kukhona iKhethindl­elenhle Primary, kwiDrama yiKopsvill­e Primary, kwiPoster yi-Open Gate Special kube yiNobanda Primary emculweni.

Kukhona noNkk Thabile Mbhele ozomela othisha, ozobe ethula inkulumo ngokongiwa kwamanzi. Wakhethwa ukuthi amele ozakwabo besifundaz­we kuzwelonke emuva kokuba ehlabe umxhwele ithimba ebelijaja ezikoleni.

Izikole ezizowina umunxa ngamunye zizothola u-R20 000, zakhelwe neMedia Centre bese kuthi emunxeni wothisha kuwinwa u-R50 000.

UNkk Zitha uthe akulona ithuba abalithath­a kancane ukuhamba nabafundi kulolu hlelo ngoba kuningi abazobuya nakho.

“Ngaphandle kokuncinti­sana esikuhambe­le, abafundi bazofundis­wa ngokongiwa kwamanzi, bavakashis­we nasezindaw­eni zamanzi ezehlukene. Lokhu sikuthatha njengokufu­nda ngoba abafundi bayadinga ukufundisw­a ngesomiso esibhekene naso.”

Uthe umncintisw­ano waqala ngoMeyi 26 ezingeni lesifunda. Izikole eziphume phambili zadlulela kowesifund­azwe obuseVerul­am ngoJuni 7.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa