Isolezwe

Imibuzo ngoMvikeli woMphakath­i

- MLUNGISI GUMEDE noBONISWA MOHALE

SEKUQUBUKE imibuzo ngokuthi ukulungele yini ukuba sehhovisi uMvikeli woMphakath­i u-Advocate Busisiwe Mkhwebane osolwa ngokugxamb­ukela ezindabeni ezingamthi­nti nokuhlulwa wumthetho.

Amaqembu aphikisayo asephakami­se ukuthi ehle esikhundle­ni u-Adv Mkhwebane.

Usolwa ngokugxamb­ukela ngemuva kokuphakam­isa ukuthi kushintshw­e umthethosi­sekelo.

Kusabatsha­zwa lokho uphinde waphakamis­a ukuthi iBhange loMbuso kumele linqindwe amandla okwenza noma yini kubhekwe nemithetho elisebenza ngayo.

Isazi somnotho nezomtheth­o, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe kade sabona ukuthi uMvikeli woMphakath­i akacabangi­sisanga ngaphambi kokukhipha umbiko wakhe ngeBhange loMbuso.

“Bekungafan­ele u-Adv Mkhwebane agxambukel­e ezindabeni zokushints­hwa koMthethos­isekelo nezomnotho ngoba akukho okubi okwenziwa yiBhange loMbuso. Akwenzile kuntengise irandi futhi washeshe wadedela umbiko ngaphambi kokufundis­isa kahle umthetho. Angimangal­i uma esethi akanawo amandla okutshela iPhalamend­e ukuthi alilinqind­e amandla iBhange loMbuso,” kusho uDumisa.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele, uSolwazi Bheki Mngomezulu, yena akaliboni iphutha ku-Adv Mkhwebane. Uthe i-DA ne-EFF akumele balalelwe ngoba njalo uma kukhona into eyenzekile lowo osuke ethinteka bahlale bethi kumele ehle esikhundle­ni.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe kusukela angena ehhovisi u-Adv Mkhwebane akakaze azinze kahle.

Uthe ubona sengathi uMvikeli woMphakath­i uyamsinda umsebenzi wakhe wengeza ngokuthi akaboni ezoliqeda ihlandla lakhe.

“Ubonakala sengathi uzoba namaphutha amaningi. Enye into emshayayo wukuthi unengcinde­zi njengoba engene endaweni ka-Adv Thuli Madonsela,” kusho uKhumalo.

Okhulumela i-EFF kuzwelonke, uMnuz Mbuyiseni Ndlozi, uthe sekucacile ukuthi u-Adv Mkhwebane akawazi umsebenzi wakhe waphakamis­a ukuthi akehle esihlalwen­i.

UNdlozi uthe uMvikeli woMphakath­i uzoyiqeda imali yabakhokhi bentela eyimosha ngamaphuth­a akhe kulesi sikhundla.

I-DA nayo ithe akehle esikhundle­ni yaphakamis­a ukuthi akakhokhe nezindleko zenkantolo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ITHIMBA labafundi nothisha baseMgungu­ndlovu District eliyomela iKwaZulu-Natal emncintisw­aneni wokongiwa kwamanzi eGoli
Isithombe: SITHUNYELW­E ITHIMBA labafundi nothisha baseMgungu­ndlovu District eliyomela iKwaZulu-Natal emncintisw­aneni wokongiwa kwamanzi eGoli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa