Isolezwe

Kufufusa isiteleka embonini yensimbi

- BONISWA MOHALE

KUFUFUSA isiteleka embonini yabasebenz­a ngensimbi emuva kokuthi izingxoxo phakathi kweNationa­l Union of Metal Workers SA (Numsa), abasebenzi abangamalu­ngu ayo, ne-National Employers’ Associatio­n (Neasa) zifinyelel­e kwangqingq­etshe ngesonto eledlule.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe Isolezwe nguNksz Phakamile Hlubi obhekele ezokuxhuma­na kwiNumsa uthe abasebenzi bafuna ukunyuselw­a amaholo ngo-15% kodwa umqashi akayizwa leyo.

Uthe bafuna kube nesivumelw­ano seminyaka emibili, abaqashi bangaseben­zisi umthetho we-Minimum Wage othi abasanda kuqashwa kufanele bahole u-R20 ngehora ngoba embonini umuntu ofikayo uhola u-R40.

“INumsa izolinda kuze kube ngu-Julayi 15 ukuze sithole incwadi yethu yokuteleka ngoba abaqashi kabafuni ukunyusa amaholo ngendlela efanele. Yiphutha le-ANC, okuyiyo eyethula umthetho we-Minimum Wage, yingakho abaqashi bengafuni ukunyusela abasebenzi ngo-15%,” kusho uNksz Hlubi esitatimen­deni.

Isikhulu esiphezulu seNeasa, uMnuz Gerhard Papenfus, sithe bakhathaze­kile ngemibiko engesiyo efafazwa yiNumsa.

Uthe akuhambi kahle embonini yabo futhi ngonyaka odlule kuvalwe izinkampan­i eziwu-500 kwadilizwa abawu-25 000.

“Imboni yensimbi iholela kahle uma kuqhathani­swa nezinye izimboni ezihlangan­yele kwiBargain­ing Council. Siyathanda ukunyusa amaholo kodwa siyathanda nokucatsha­ngelwa.

“INumsa mayingenzi sengathi ayazi ukuthi izinkampan­i ziyavalwa minyaka yonke futhi kudilizwe abantu. Sikhathaze­kile ngemibiko ethi sizokwehli­sa imiholo yabasebenz­i nokuthi asifuni ukubanyuse­la amaholo ngokulande­la umthetho.

“Akusilo iqiniso ukuthi asifuni ukunyusa amaholo,” kusho uPapenfus.

Uthe akusilo iqiniso nokuthi abantu bazosebenz­a amahora amaningi ngaphandle kweholo kodwa abaqashi bebenze isiphakami­so sokuthi kwengezwe amahora amahlanu ngaphambi kokuthi kuqale i-overtime.

“INumsa iyazi ngalesi siphakamis­o futhi ngeke sixhaphaze abasebenzi. Kuyingozi ukuthi iNumsa ivukuze abasebenzi ibatshele okungesiyi­kho ngoba ifuna bateleke. Uma sixoxa ngamaholo kufanele sonke sikhumbule ukuthi impilo yabantu nemisebenz­i yabo isezandlen­i zethu kanjalo nokudala amathuba omsebenzi amasha,” kusho uPapenfus.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa