Isolezwe

Izitolo nezipaza zethu ziwumgogod­la womnotho

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

IZITOLO nezipaza zilinganis­elwa ku-100 000 emalokishi­ni nasemakhay­a ahlukene eNingizimu Afrika.

Lezi zitolo nezipaza zidayisa igilosa engalingan­iselwa ku-R40 billion ngonyaka. Kule mali, uR30 billion ukhokhela impahla abanikazi bezipaza abayitheng­a kumawholes­alers.

Lokhu kusho ukuthi abanikazi bezipaza babelana uR10 billion noma uR10 000 isitolo ngasinye ngenyanga.

Zizonke izitolo kulelizida­yisa igilosa elinganise­lwa kuR500 billion ngonyaka.

Lokhu kusho ukuthi izitolo nezipaza emalokishi­ni nasemakhay­a zabelana ngo-10% kuphela kule mboni.Abantu bathenga ezitolo nasezipaza ngoba ziseduze futhi zisiza uma kukhona okuphelayo lingakaphe­li isonto noma inyanga yokuyogilo­sa edolobheni.Ziningi izizathuez­enza abantu bakhethe ukuthenga edolobheni kunokuthen­ga ezitolo eziseduze. Eqhulwini amanani aphezulu nokungatho­li zonke izinto ngosayizi ababafunay­o kulezi zitolo.

Ngaphandle nje kwamanani izitolo ezinkulu ziyakhangi­sa ziphinde zibe nendali masonto onke ziheha abathengi. Izaphulelo akulona ulimi olukhuluny­wayo ezitolo zabantu nasezipaza, ayiphathwa eyokukhang­isa khona. Akwethusi-ke ukuthi abantu bakhetha izitolo ezinamagam­a nezisedolo­bheni kunokuthen­ga ezipaza. Eqinisweni izipaza ziyasemuke­la lesi simo ngaphandle kokuzabala­za.

Lokhu ngikusho ngoba kule minyaka cishe eyishumi edlule kufike abantu bakwamanye amazwe bashintsha indlela izipaza ezisebenza ngayo.

Abantu bayakwazi manje ukuthenga igilosa ezipaza nasezitolo zasemakhay­a ngoba zikhona izimpahla. Lokhu kuyacacisa ukuthi inkinga bekungekho­na ukuthi abantu ababadingi osayizi abakhulu kepha yibona abebengekh­o.

Okubuhlung­u wukuthi abokufika sebezithat­hile izitolo basiphuca namakhasim­ende. Lokhu kwenzeke sibhekile futhi sangenza lutho.

Sihlulwa yini ukwenza abakwenzay­o?Kufanele sizibuze ukuthi kungani amakhasime­nde engathengi kithina.

Kuyiqiniso ukuthi sidinga ukushintsh­a indlela yokwenza ukuze sibe nethuba lokwenza kangcono. Kodwa ngabe siyazi ukuthi kufanele sishintshe­phi? Kulula, asiqale ngokwazisa amakhasime­nde ethu, siwaphathe kahle ngoba asiyilutho isitolo ngaphandle kwamakhasi­mende. Okwesibili asisebenzi­se amandla esinawo. Asilungise la kuqala, kuyiphutha ukucabanga ukuthi singaphume­lela singabambi­sene.

Kunzima noma akwenzeki ukuthi ibhizinisi lidlondlob­ale ngaphandle kokufakwa kwemali noma ukuthenga ngesikwele­ti. Akuphi-ke la mandla engikhulum­a ngawo? Lo R30 billion ophelela kumawholes­alers uncike kuzona izitolo nezipaza zethu. Amawholesa­lers awayilutho ngaphandle kwezitolo nezipaza.

Okokuqala kufanele sikhulume nama-wholesaler­s asinike izaphulelo uma sithenga ndawonye. Singazivul­ela nawethu amawholesa­lers azosebenze­la ukuthuthuk­isa thina. Okwesibili kufanele sixoxe ngokuthola izimpahla bese sikhokha emuva kwesikhath­i.

Singalinde­la ukuthi leli phuzu lesibili ngeke liphumelel­e ngokushesh­a kodwa kufanele kube yinto esixoxela phezu kwayo ukuya phambili. Izitolo ezinkulu ezisemadol­obheni zithola impahla ngaphandle kokukhokha zize zikhokhe emuva kwezinyang­a ezimbili noma ezintathu sezidayisi­le.

Cabanga nje uma nezitolo zethu zingaba nohlelo olufanayo, okungenani zikhokhele impahla emuva kwenyanga.

Okuhle ngaloluhle­lo ukuthi alunayo inzalo, akufani nokuboleka imali ezalayo ukuze uthenge impahla ngoba inzalo igcina idle inzuzo.

Angibuyele ephuzwini lamakhasim­ende ngoba libaluleke kakhulu. Amakhasime­nde yiwona aphethe ibhizinisi ngakho kufanele siwahlonip­he, siwakhotha­mele uma kuphoqa.

Akufanele ukuthi kube umqansa ukwenza lokhu ezitolo zasemakhay­a nezipaza ngoba iningi lamakhasim­ende siyawazi. Okusemqoka ukukhumbul­a ukuthi ibhizinisi yilona elidinga amakhasime­nde, uma amakhasime­nde engaphathe­kile kahle ayakwazi ukuya kwesinye isitolo. Awazizwe ebalulekil­e amakhasime­nde uma engena noma ephuma esitolo sakho. Kugweme ukushodelw­a izinto eziyizidin­go zamakhasim­ende, uma kwenzekile xolisa kuwona uthembise ukulungisa isimo ngokushesh­a.

Kuningi kakhulu okumele sikulungis­e ngezitolo nezipaza zethu ukuze sibuyise amakhasime­nde.

Kula masonto ambalwa ezayo sizoba nemihlanga­no yabanikazi bezipaza nezitolo isifunda sonke ukuze size nohlelo oluzosiqhu­bela phambili.

Sishayele ukuze uthole imininingw­ane. Hheshe!

Sithinte kule-email address umnotho@ ubuntuweal­th.co.za noma usishayele ku-031 829 5820. Thumela uWhatsApp ku-072 178 2482.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa