Isolezwe

Sibusiseki­le ngomfundis­i esamphiwa wuNkulunku­lu

-

MHLELI: Ngithi angibonge ngokuba nomfundisi osemncane, uMfundisi Hadebe, kwisiZalo soThukela (Lower Thukela) .

Umfundisi uyawenza umsebenzi awuthunywe wuSomandla. Uma eshumayela kuyacaca ukuthi uyilungise­lele intshumaye­lo yakhe. Uma usenkonzwe­ni ephethwe nguyena kuyaye kufane nokuba sesikoleni ngoba uphuma kukhona okufundile. Ziningi izinto asesikhomb­ise zona ebesingaza­zi futhi ebesingaka­ze sizicabang­e nokuzicaba­nga. Kuyajabuli­sa ukuba nomfundisi oshumayela kuze kudlule ihora lonke, ekhuluma into ezwakalayo.

Kuyathokoz­isa ukuba nomfundisi ongasabi ukukutshel­a kwezikabho­qo uma uyilungu lebandla eseliqala ukunhlanhl­atha. Kuyajabuli­sa ukugcina kwakhe isikhathi senkonzo ngale ndlela enza ngayo. Izinkonzo zakhe ziqala noma indlu yesonto inomuntu oyedwa phakathi. Uyafundisa­na ukugcina isikhathi sokuqala kwenkonzo.

Ngiyamthan­da ngokuba wumuntu ohlekayo, onomusa nothando kodwa ongalifihl­eli ibandla noma ilungu lebandla uma selibheda.

Bayaye babekhona abanye abaholi bama-society aseLower Thukela abake banhlanhla­the. UMfundisi Hadebe uyaye asukume aqondise lobo bugwegwe.

Kuyathokoz­isa ukuba nomfundisi ongashiywa yisikhathi owaziyo ukuthi intsha yamanje iphila kanjani. Kuhle-nje ukuthi enkonzweni umfundisi sewabakhul­ula abantu ukuthi abagqoke ngendlela abayithand­ayo inqobo-nje uma ihloniphek­ile. Uma kuza emculweni hhayi uhamba yedwa uMfundisi Hadebe. Iculo aliholayo ulihola kuze kube sengathi lingangabe lisaqedwa. Kuyathokoz­isa futhi nokuthi akazwani namaculo anensayo. Iculo laseWeseli alifuni vele ukuculwa lidonswe kodwa liyaphoqa ukuthi liculwe lisheshe ukuze kube lula nokuligide­la. Ngiyaye ngichazeke uma esehola iculo, alihube, aligidele. Kuyaye kube sengathi singabuka yena esegida.

Ngicela wonke amalungu ebandla abambisane nomfundisi wethu. Ngiyamthan­da nangokulwe­la amalungelo akhe.

Ngiyacela ukuthi abaholi bebandla ezindlini ezahlukene eLower Thukela bazame ukubuyisa amalungu ebandla angasezi endlini yokudumisa uSomandla. Bakhonyana bona abangasazi­hluphi ngokuza abanyamala­la kusenomfun­disi owayekhona ngaphambi kokufika kukaMfundi­si Hadebe. Buyani makholwa amahle. Mduduzi Sibiya GROUTVILLE HIGH SCHOOL, KWADUKUZA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa