Inkinga yokungabatholi abantwana
SILETHE umunyu kwabaningi isiqephu sohlelo Uthando Nesithembu, lapho omunye wamakhosikazi kaMnuz Musa Mseleku ephumele obala ngokungazitholi izingane.
UMaKhumalo, oyinkosikazi yesine kaMseleku, uvezwe eyobonana nodokotela embuza ngeminye imizamo yokuthola izingane njengoba esanqanyulwa amashubhu. Okwenze abaningi bakhuluma wukuthi indaba yokungazali kwabesifazane ithathwa njengebucayi okungalula ukukhuluma ngayo.
UMnuz Madoda Zungu, oyisazi samasiko, uthe nasemandulo le nkinga yayichitha imizi.
“Kudala izalukazi zazinendlela yokubhekana nale nkinga. Uma kuyindoda enenkinga yokungazali, izalukazi bezishushumbisa umfowabo wendoda akhulelise umakoti kuvuswe umuzi,” kusho uZungu.
Uyavuma ukuthi abesifazane yibona abajwayele ukuthukwa kuthathwe ngokuthi yibona abanenkinga. Kwesinye isikhathi indoda igcina ifakwa umoya ngabathize emndenini kuthiwe ayiqalaze ngaphandle.
“Kuhlale kunenkolelo yokuthi ngowesifazane onenkinga kanti ukuzala yimvelo nemfihlo kaNkulunkulu,” kusho uZungu.
UDkt Portia Kheswa-Masinga ozimele uthe zikhona izindlela zokuthola ingane kwabanenkinga kodwa akuyona into ethathelwa phezulu. Uthe odokotela baqala ngokweluleka abathintekayo ngoba imimoya isuke isiphezulu.
“Kumele abesifazane baqonde ukuthi uma befuna ingane, bekade besebenzisa umjovo ukugwema inzalo, kuthatha isikhathi esingangonyaka ukukhulelwa. Okunye esibaluleka ngakho wukuthi owesifazane akabheke ikhalenda ukuze aqonde izinsuku aya ngazo esikhathini okusizayo uma efuna ukukhulelwa,” kusho uDkt Kheswa-Masinga.
Uthe yize zikhona izindlela zokukhulelwa ngokwesayensi kodwa ziyabiza okwenza abantulayo bahluleke. Baqala ngokuhlola abathandanayo bathole ukuthi ngubani onenkinga.
“Indlela yokuqala yi-In Vitro Fertilization (IVF) lapho kuhlanganiswa iqanda nembewu yowesilisa. Kwesinye isikhathi nayo ayiphumeleli kanti akulula ukuyizama kaningi ngoba iyabiza. Uma iphumelela kujwayele ukuthi kuphume amawele ngoba kuhlanganiswa amaqanda amaningi. Kunzima kakhulu uma owesifazane esenqanyulwe amashubhu ngoba isuke ingeke isasebenza i-IVF. Kukhona ne-Surrogacy lapho kunikela omunye wesifazane ngesibeletho sakhe ukuthwala ingane. Inzima lena ngoba idinga kungenelele nabomthetho kwenziwe izivumelwano. Kwabamnyama iseyinkinga ngenxa yezinkolelo.”
Udokotela uthe kungasiza ukufundisa ngeSurrogacy ngoba kusasetshenziswa amaqanda nembewu yabashadile, yisibeletho kuphela okusuke kungesomunye umuntu.
UNksz Zola Dudeni, oyiPsychologist nomeluleki wezothando, uthe abesifazane abangazali bazizwa bengaphelele. Uveze ukuthi umphakathi uyabacwasa, babizwe ngamagama ayiziswana okwenza bazizwe benecala.
“Ngebhadi kuhlala kungowesifazane osolwa ngokuba nenkinga ngisho kungaqinisekiswanga ngokuhlola. Ingane iyingxenye yempumelelo emshadweni, uma ingatholakali akupheleli. Ukubizwa ngamagama emphakathini yikona okulimaza kakhulu abangazali. Abesifazane baye basolwe ngokuthi baqome kakhulu noma bebesebenzisa okokugwema inzalo yingakho bengasazali emshadweni,” kusho uNksz Dudeni.
Uthe abanale nkinga abesekwa ngoba akwenziwa ngisho izinhlelo zokubaluleka ngokomqondo nokubasiza.