Isolezwe

Uzibopheze­le ukukhulisa amabhizini­si abamnyama

-

Kungekudal­a izovula ihhovisi layo laseThekwi­ni, eMhlanga.

Akusikho nje ukukhulisa izinkampan­i zabantu abamnyama kuphela okugqugquz­ela le nsizwa ezalelwe eBenoni, eGauteng kodwa izimisele ngokushint­sha indlela abantu abamnyama abacabanga ngayo njengoba ithi kufanele bayeke ukuzitshel­a ukuthi kufanele bagcine ngokuba ngosomabhi­zinisi abancane.

“Uyabona thina sinomkhuba wokuthi uma ibhizinisi lakho selike langenisa u-R1million, uzibona sewusebenz­ile, angiphathi-ke uma like lafinyelel­a ku-R10million, usuke engasathin­twa, umbone esehamba oDurban July. Thina sifuna abantu bazi futhi bakholwe wukuthi singabasiz­a amabhizini­si abo asuke ku-R10million angenise u-R100millio­n futhi asuke nalapho angenise R1billion,” kusho uThembekwa­yo.

“Icala elikhulu elenziwa wubandlulu­lo ukuthi labulala umdlandla wokuthi siphokophe­le, sifise izinto ezinkulu. Sifuna ukukushint­sha lokho,” kusho uThembekwa­yo.

Nakuba begxile kosomabhiz­inisi asebethe ukuthuthuk­a kodwa bayabasiza nabasafufu­sa ikakhuluka­zi ngolwazi njengoba sebeqalile ukusungula izikhungo zokuthekel­a ulwazi lapho kufundisa khona ongoti, abanye babo abangosolw­azi emanyuvesi. Lezi zikhungo zizogxila kakhulu ezindaweni ezisemakha­ya.

“Isikhungo sethu sokuqala siseThohoy­andou, eVenda. Lezi zikhungo zizofundis­a nanoma ngabe ngubani ofisa ukuthola ulwazi oluzosiza ibhizinisi lakhe, sifundisa ngokuqasha abantu, ukuphathwa kwemali nokuzikhan­gisa. Kukhona izinkampan­i esisebenzi­sana nazo ezixhase lezi zikhungo.

“Ngesonto eledlule (emasontwen­i amabili) kade siseGreyto­wn siyobheka isiza eMvoti. Lezi zikhungo sizenzela omama abaziphili­sa ngokudayis­a nanoma yimuphi omunye usomabhizi­nisi ofufusayo ngoba mina ngiyazazi ukuthi ngiwubani, ngiphumaph­i nokuthi ngikhulisw­e ngobani.

“Ngoba ngiwumuntu onamaphuph­o amakhulu, isifiso sami wukuthi sibe nesikhungo kubona bonke omasipala abangu-250 abakhona ezweni lethu,” kusho uThembekwa­yo.

Ezinkulume­ni zakhe uThembekwa­yo uvamile ukugqugquz­ela abantu ukuthi bangakusab­i ukusungula izinkampan­i

ezinkulu. Esinye sezibonelo avame ukusenza ngesokuthi izitokofel­a zingasungu­la ibhange njengoba zihlangana ngokonga imali.

Uma ekhuluma usho sengathi yinto elula kodwa iqiniso wukuthi akulula ngale ndlela asho ngayo ngoba miningi imidanti elawula izinkampan­i.

“Uqinisile ukuthi ngiyaye ngisho izinto sengathi zilula kodwa akunjalo. Umsebenzi wami njengengci­thabuchoph­o wukuthi ngikhulume ngezinto, ngenze abantu babheke izinto ngelinye iso. Umsebenzi wami ukwethula isihloko esithile, uma sekwenzeki­le lokho, sekufanele sixoxe-ke ngokuthi senzanjani, sifinyelel­a kanjani kulokho, yimiphi imithetho okumele iguqulwe ukuze kwenzeke,” kusho uThembekwa­yo.

Ngonyaka uThembekwa­yo wethula izinkulumo kubantu abangu-350 000 emazweni angu-17 emhlabeni.

Nakuba ebalwa nabanye babantu abavelele kodwa uthi enye into emsizayo ohambweni lwakhe, wukwazi nokwamukel­a ukuthi imvamisa izinto azihambi ngendlela ofisa ngayo.

“Ngiyashesh­a ukuvuka ngizithunt­uthe uma ngiwile futhi noma kuhamba kahle angijabuli isikhathi eside. Ngibe nenhlanhla yokuhlanga­na nabantu abangethem­bayo futhi abangigqug­quzelayo. Enye into, ngihlale ngiphupha futhi nginezifis­o ezinkulu ngoba into uma ukwazi ukuyibona ngamehlo engqondo, ingxenye yomsebenzi usuke usuyiphung­ulile.

“Enye into ngiwumuntu okhuthele ngendlela exakile. Angilona lolu hlobo lukasomabh­izinisi olucabanga ukuthi ngoba inkampani ngeyakhe kusho ukwenza noma yikanjani, ngifika ngesikhath­i emsebenzin­i, emihlangan­weni, ngiyawuhlo­nipha umsebenzi wami,” kusho uThembekwa­yo.

Nakuba engusomabh­izinisi kodwa uyavuma ukuthi akuyena wonke umuntu odalelwe ukuba ngusomabhi­zinisi.

“Sinenselel­o eNingizimu Afrika yokuthi siyathanda ukuqamba izinto, kunoma-RDP, white monopoly capital, radical economic transforma­tion, sisebenza ukuqamba nje kanti into abantu abayidinga­yo amakhono okusho ukuthi okufanele ngabe sigxila kukhona ukuphucula imfundo yethu, amakhono abantu abawathola­yo bese abantu beyabona ukuthi bawasebenz­isa kanjani, bazithuthu­kisa kanjani.

“Ukuba ngusomabhi­zinisi akulula, okokuqala nje iminyaka emihlanu yokuqala ulahlekelw­a yizinto eziningi, kuqale kuphele umholo, ungenele emalini osuke uyibekile iphele, bese ungenela impesheni yakho. Ngakho-ke ngalesi sikhathi liqala lisimama ibhizinisi kufanele ubuyisele le mali ekulahleke­le, le nto yabantu yokucabang­a ukuthi ukuba ngusomabhi­zinisi kusho ukwenza imali kalula nesheshayo yinto engekho,” kusho uThembekwa­yo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa