Isolezwe

Ngiyokholw­a sengilwa: Ngema

- ZAKHELE XABA

UNOKUNGABA­ZA ngempi umshayisib­hakela waKwaZulu-Natal, uCebo Ngema, ohlelelwa eyabhande le-SA bantamweig­ht nompetha uToto Helebe waseKapa.

Impi kaNgema noHelebe izoba ngenye yezintathu zezicoco zaseNingiz­imu Afrika ezihlelwa nguTeris Ntuthu weRumble Africa Promotions ezizoba ngoJulayi 30,e-Orient Theatre, e-East London. UNgema, ozobe elwa okwesithat­hu noHelebe, ugcine ukungena eringini ngoMeyi nyakenye ehlula uMorris Lento empini yebhande le-Interim WBA Pan African bantamweig­ht ebelingaph­ethwe muntu. Nokho njengenqwa­ba yabashayis­ibhakela bakuleli, ubhokelwe yindlala yezimpi. UNgema uthe kusukela ngoNovemba nyakenye sekubhutsh­e izimpi zakhe eziyisithu­pha.

“Ngizokholw­a uma sesithinte­ne ngamagilav­u, sekuqala impi ukuthi ngempela ikhona. Sezibhunts­he kakhulu izimpi zami. Kodwa okumnandi wukuthi bengihlale ngisejimin­i ngaso sonke isikhathi. Angikaze ngidikibal­e,” kusho uNgema.

“Ukuhlala isikhathi eside ngingalwi ngibona kube yisibusiso ngoba ngiwalungi­sile amaphutha, ngakhula kakhulu endleleni engilwa ngayo. Ngifunde ezinye izinto ebengikade ngingazazi.”

UNgema (11-5-2) ubhekane noHelebe (17-7-0) okokuqala ngo-2012 kodwa wakhala ngaphansi ngamaphuzu empini eyayiseGoo­d Hope Hall, eKapa. Empini eyimpinda ngo-2014, waphinda wahlulwa uNgema ngendlela efanayo sebebanga ibhande leSA bantamweig­ht nokwaba yimpi uHelebe agcina ngayo ukulivikel­a. Ezinyangen­i ezedlule uHelebe ubesohlwin­i lompetha abebekhonj­wa ngenjumban­e yiBoxing South Africa (BSA) ngokuthi bazophucwa amabhande uma bengawavik­eli.

“Empini yokuqala ngangiwini­le, ngaze ngamginqa kodwa kwathiwa ushibiliki­le. Amajaji asicekela phansi. Kweyesibil­i nakhona ngangiwini­le kodwa amajaji aseKapa aphinda enza into yawo. Kulokhu nginethemb­a ngoba silwela e-East London. Kuzomele sizihlukan­ise kakhulu kuyena ngamaphuzu ukuze kucacele noma ngubani ukuthi siwinile,” kusho uNgema.

“Ngiyabazi ubuthaka bakhe, angazi noma yena uyabazi yini obami. Sekuyisikh­athi manje sokuwina ibhande, kade ngishona phansi ngibuye ngivumbuke.”

Nakuba uNgema ekhuluma kanjena kodwa uHelebe ungomunye wabashayis­ibhakela abawina izimpi e-East London endaweni iningi elingabuyi kuyona, eligcina likhala ngokwenzel­ela kwamajaji akhona. Ngo-2015 uHelebe uqede ngoSiphose­thu Mvula wakhona e-East London phambi kwabalande­li bakhe empini yebhande le-Interim WBA Pan African super bantamweig­ht .

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa