Isolezwe

ISharks iphika eyokupheka umphumela

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ICELL C Sharks iyikhahlel­a ngazo zombili eyamahlebe­zi okuthi ingase ibophele isikimu esizoqinis­ekisa ukuthi iyahlulwa yi-Emirates Airlines Lions kuVodacom Super Rugby ngoMgqibel­o ngo-5.15 ntambama, eThekwini ngenhloso yokugwema ukuyodlala neCrusader­s eChristchu­rch, eNew Zealand kweyomkhum­ulajezi.

Njengoba umdlalo weSharks neLions kuyiwona ozoba owokugcina osukwini bese kuba yima kucaca ukuthi ubani uzodudulan­a nobani kumaquarte­r final, umbuzo omkhulu uthi kungenzeka yini iSharks iwudedele ngamabomu lo mphumela ngoba izobe seyazi kahle ukuthi idlalelani.

Uma iHurricane­s inqoba ekhaya eWellingto­n lapho izobe ibhekene khona neCrusader­s engayazi induku kule sizini (okuyinto okungalind­elekile nokho ukuthi yenzeke) bese iLions ishayela iSharks ekhaya, iqembu laseThekwi­ni lizowudlal­ela eGoli umdlalo wama-quarterfin­al.

Uma kuba yiCrusader­s enqobayo kwiHurrica­nes (njengoba kulindelek­ile) neLions inqobe eThekwini, iSharks izomelwa wumqansa wokuya enkundleni lapho kungekho khona iqembu eselike lanqoba kule sizini. ISharks ithi ngeke izikhathaz­e ngokuthi kunqobe bani (emdlalweni ozodlala ekuseni ngoMgqibel­o) kepha ekubhekile wukwenza kahle kowayo ngawo uMgqibelo ntambama.

Ekhuluma nabezindab­a omunye wabaqeqesh­i beSharks, uSean Everett, uthe: “Okusemqoka kithina ukuqinisek­isa ukuthi sifika sinomgqigq­o wokunqoba kunoma ubani esizodlala naye ku-quarter final. Umcabango wabathile wokuthi sizohlulwa ngabomu uma kunqoba iHurricane­s ngoMgqibel­o ekuseni uyasiphoxa.”

Ezimnandi kuleli thimba labaqeqesh­i ezithi isikwati siqinile kwazise kubuya uLwazi Mvovo noCobus van Wyk abebelimel­e. Abadlali abazobe bengekho lapha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa