UTshabalala uchitha eyokuxoshisa uKomphela
INSIKA yeKaizer Chiefs uSiphiwe “Shabba” Tshabalala ichitha eyokuthi abadlali abadala kuMakhosi yibona abebefuna ukuxoshisa umqeqeshi weqembu uSteve “Mphathi” Komphela ngokudembesela.
IChiefs sekuphele amasizini amabili elandelana ingawini lutho. Igcine ukuphakamisa isicoco kusekhona uStuart Baxter ngo-2014/15.
Amakhosi awakaze awine lutho ngaphansi kukaKomphela. Kule sizini entsha ezoqala maduze uKomphela unengcindezi enkulu.
UTshabalala, osehlale kuChiefs iminyaka engaphezu kwewu-10, utshele Isolezwe ukuthi ngamampunge indaba yokuthi bebehudula izinyawo ukuze uKomphela axoshwe.
NgoMsombuluko uShabba ukhale wemuka nomklomelo womdlali oshaye ingcwenga yegoli. Washaya elihle igoli iqembu lakhe lidlala neMaritzburg United emdlalweni weligi.
“Akulona iqiniso ukuthi abadlali abadala bebengameseki umqeqeshi. Siyamhlonipha kakhulu. Kwesinye isikhathi kuyenzeka uphikwe yizinto. Lokho kuyindlela yempilo. Uma ehlulwa sihlulwa sonke njengeqembu futhi uma enqoba sinqoba sonke njengeqembu. Ubudlelwano bethu nomqeqeshi buhle kakhulu ngoba bonke abadlali batholana kahle naye. Kule sizini ezoqala sifuna ukuphinde simlwele enkundleni. Lokho sifuna ukukukhombisa enkundleni ngemiphumela,” kusho uTshabalala.
Yize iChiefs iqede isizini ingawinanga lutho kodwa kube yisizini enhle kuyena njengomdlali. Amagoli akhe amabili aqokelwe emklomelweni wegoli elivelele ku-Absa Premiership kwathi elilodwa ladla umhlanganiso. Uphinde washaya igoli lakhe lika-50 kuMakhosi. Kuthe kusenjalo wadlala umdlalo wakhe ka-300. Kuwona lo nyaka uShabba ugubha iminyaka ewu-10 ajoyina iChiefs.
“Ngifuna ukubonga bonke abangivotele bakholelwa kimina. Igoli eliwinile ngalishaya ngosuku lokuzalwa kwenkosikazi yami. Yingakho ngaze ngabhala nomyalezo engalweni ngimfisela usuku oluhle. Lo mklomelo ngifisa ukusho ukuthi ngiwunqobele yena,” kuchaza uTshabalala.
UShabba usewine zonke izicoco ezikhona eNingizimu Afrika neChiefs.
“Ngifuna ukudlulisa okukhulu ukubonga kubalandeli ngokungeseka yize iqembu lingazange lenze kahle. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi basithanda kanjani. Siyabakweleta futhi kumele sikhokhe isikweletu sethu ngokunqoba izicoco ukuze bajabule,” kusho uTshabalala.