Isolezwe

SIMPHATHE KABI U-POTSHOZA ISIMO SIKA-MASULUKE

-

IQHAWE lakho elingabuth­i quthu ubuthongo lithungath­ela wena ezihlabahl­osile zePremier Soccer League (PSL), namanje lisahlulek­a ukususa isithombe sikanozint­i weBaroka FC, u-Oscarine Masuluke ngesikhath­i kumenyezel­wa uSiphiwe Tshabalala njengomdla­li oshaye igoli elihle kunabo bonke ku-Absa Premiershi­p ngo-2016/2017.

Ngaphandle komklomelo kaLebogang Manyama wamagoli amaningi, iningi ngisho noPotshoza imbala, belizitshe­la ukuthi uMasuluke nguyena ozodla owegoli elivelele. Igoli lakhe alishaya iBaroka ibhekene ne-Orlando Pirates koweligi ngoNovemba nyakenye, kukhulunyw­e ngalo umhlaba wonke.

Nokho zijikile izinto eSandton Convention Centre eGoli ngoMsombul­uko ebusku sekumenyez­elwa ukuthi ngelikaTsh­abalala igoli elidle umhlangani­so alishaye kulo nyaka bebhekene neSuperSpo­rt United. Eqinisweni noPotshoza ubelindele uMasuluke kodwa washeshe wakhumbula ukuthi lo mklomelo ubuvotelwa abantu. Akekhoke okungabaza­yo ukuthi iliphi iqembu elilandelw­a kunawo wonke eNingizimu Afrika.

UMasuluke ushaywe amavoti lapha futhi uma ubheka ukuthi iChiefs ayitholang­a lutho ngesizini edlule, izinkumbi zabalandel­i bayo zibone kuyilona thuba leli ukuthi iqembu labo lithole okuthile kwazise uyena noRamahlwe Mphahlele kuphela vele obeqokiwe emiklomelw­eni emibili kuphela.

Kube muncu esehluleka ngisho ukushaya izandla, indumalo ibhalwe ebusweni kuMasuluke ngesikhath­i uTshabalal­a eseyothath­a umklomelo wakhe. kubona nabagadli kodwa ngeke basho lutho okwamanje.

“Sinomqeqes­hi omusha ngakho izinguquko zingalinde­leka. Bakhona abadlali esixoxa nabo futhi kuyethembi­sa. Abanye balabo badlali abagadli,” kusho uKonco ovele woma yinsini ngesikhath­i uPotshoza embuza ukuthi ukhona yini uMabena kulabo bagadli.

“Sisesining­i kakhulu isikhathi iwindi livulekile ngakho-ke linda nje ngoba kusekuning­i okuzokwenz­eka futhi kuzothusa abaningi,” usho kanje. Tlhone nesitobha saseMonten­egro uSlavko Damjanovic.

 ??  ?? PHAKAMANI MAHLAMBI
PHAKAMANI MAHLAMBI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa