Isolezwe

SIYOHLOLWA PHESHEYA ISIPHEKEPH­EKE SE-WITS

-

UPHAKAMANI Mahlambi weBidvest Wits kuzophela leli sonto esePortuga­l lapho eyozama khona inhlanhla ngokusho komqeqeshi wakhe uGavin Hunt obesehaqwe yinjabulo emcimbini wePSL wokuklomel­isa abenze kahle ngo-2016/2017.

Ngokuzwa kukaPotsho­za uMahlambi (19), oshayele iWits amagoli ayishumi emidlalwen­i engu-27 kumasizini amabili, ophazanyis­we ukulimala, uzobe esePortuga­l amasonto amathathu kusukela ekupheleni kwesonto. UHunt obekubukwa yena kulo mcimbi kwazise iqembu lakhe lidle isicoco (obese kungesesin­e kuyena) akazange aphumelele ukuwaqagul­a ngamagama amaqembu azohlola uMahlambi kodwa kuzwakale sengathi ngeke libe linye.

Kulo mcimbi uMahlambi uqokwe njengomdla­li omncane ovelele ku-Absa Premiershi­p ngawo belu uMsombuluk­o. UHunt uthe uyozama inhlanhla uMahlambi hhayi ukuthi useyosayin­a.

“Simthumela ePortugal lingakaphe­li isonto. Uyozama inhlanhla. Sizombheka kahle uma esekhona ukuthi uqhuba kanjani. Sivumile ukuthi ake ayozwa ukuthi kunjani ukuziqeqes­ha nabadlali baphesheya kwezilwand­le. Asazike ukuthi kuzokwenze­kani kula masonto amathathu ezayo. Sizohlala kakhulu emkhulekwe­ni mhlawumbe iNkosi isizwe bamthenge,” kusho uHunt.

NoJose Ferreira oyisikhulu kuZitshude­ni ukuqinisek­isile ukuthi uMahlambi uyahamba. Akuqali ukuthi uMahlambi amataniswe nePortugal, nangesizin­i edlule kuke kwavela ukuthi uya khona. Kuze kube yimanje iWits isisayinis­e uDaylon Claasen, Steven Pienaar, Bokang

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa