Ukhonjwa kwiBucs obekwiDowns
UKHONJWA kwi-Orlando Pirates unozinti obegijima kwiMamelodi Sundowns uWayne Sandilands.
Isolezwe lihabule ngomthombo othembekile ukuthi indlela yalo nozinti isibheke kweZimnyama.
USandilands uke wamataniswa neMaritzburg United kodwa umthombo uthe usethathwe ngelinye iqembu. I-United isanda kudedela obengunozinti wayo uVirgil Vries.
“USandilands ubefunwa yiTeam of Choice kodwa yahlulwa yi-Orlando Pirates. Sekumele ibheke unozinti kwenye indawo,” kusho umthombo.
Inkontileka kaSandilands neSundowns iphelile emasontweni amabili adlule. Lo nozinti unqabile ukuhamba neSundowns ngesikhathi iyodlala neSaint George e-Ethiopia emasontweni amabili adlule. Kuyimanje ubengajimi neSundowns njengoba ingakalungiswa indaba yekusasa lakhe.
Uma egcina kwiPirates uzobanga ijezi noBrighton Mhlongo, Siyabonga Mpontshane noJackson Mabokgwane.
Ngesizini edlule iPirates ibalwe namaqembu adedele amagoli amaningi ku-Absa Premiership. Ingenelwe amagoli angu-40 emidlalweni engu-30. Ibingenaye unozinti wokuqina njengoba bonke abaqeqeshi abayiphekile kusukela kuMuhsin Ertugral bebelokhu beshintshe njalo emapalini.
UThulani Thuswa wezokuxhumana kwiSundowns ebuzwa ngale ndaba emiklomekweni yePremier Soccer League ngoMsombuluko ebusuku uthe: “Angiyazi le ndaba ongibuza ngayo. UWayne sisaxoxa naye.”
Ukushiya kukaSandilands kwiSundowns kungase kuphoqe ukuthi ibuyise uThela Ngobeni obebolekiswe kwiFree State Stars.
Njengamanje iSundowns isele nonozinti ababili. Kukhona uDenis Onyango okunguyena unozinti ohamba phambili noKennedy Mweene oyiphini lakhe.
USandilands (33) wajoyina iSundowns ngo-2009 esuka kwiPlatinum Stars. EChloorkop unqobe zonke izicoco ezimqoka. Uhlabane ngeseCaf Champions League, Caf Super Cup, ezimbili ze-Absa Premiership, eseNedbank Cup neseTelkom Knockout.
USandilands ubelizwa ngendaba ijezi kwiSundowns okuthiwa yikhona okwenze
wakhetha ukuyishiya.
IPirates ibigaqele uRonwen Williams ongunozinti weSuperSport United kodwa yahluleka yancama ukumthola. Lo nozinti uvuselele inkontileka yakhe ngeminyaka emihlanu neSuperSport.
Imenenja kaSandilands uGlyn Binkin ayifunanga ukuphumela obala ngokuthi usesayine kwiPirates.
“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalokho. Kodwa akhona amaqembu esikhuluma nawo. Engingakusho wukuthi umdlali usajima yedwa,” kusho uBinkin.
Njengoba kuvulwe iwindi, iPirates isamemezele uThamsanqa Sangweni obeyibamba kwiChippa United njengomdlali omusha. Abanye emataniswa nabo yilabo ebibaboleke amanye amaqembu okwamanje abazobuyela kuyona ngaphambi kokucaciselwa ngekusasa labo. Abanye babo nguNkosinathi Mthiyane noSiyanda Ngubo abebebolekiswe kwiLamontville Golden Arrows neRoyal Eagles ngokwehlukana.