Isolezwe

Iyavuthwa ekaTeko ebheke kwiCape Town City

- MINENHLE MKHIZE Ebika eseGoli

IYAVUTHWA indlela kaTeko Modise ebheke kwiCape Town City.

Emasontwen­i adlule kwabikwa ngodaba lukaJohn Comitis, usihlalo weCity, owayechaza ukuthi konke ngoModise kulele kuBenni McCarthy, ocija iqembu.

Ngeledlule silumane indlebe nemenenja kaModise, uJazzman Mahlakgane, eqinisekis­ile ukuthi iCape Town City ngelinye lamaqembu abaxoxa nawo.

NgoMsombul­uko ebusuku emiklomelw­eni yePremier Soccer League (PSL) eSandton Convention Centre, uMahlakgan­e uveze ukuthi maningi amathuba okuthi uModise ajoyine iqembu elizinze ngaphandle kwaseGaute­ng.

UModise akazange ayivuselel­e inkontilek­a yakhe neMamelodi Sundowns abesehlale kuyo kusukela ngo2011.

“Maningi amathuba okuthi uTeko uzodlalela iqembu langaphand­le kwaseGaute­ng ngesizini ezayo. Akuseyona imfihlo manje ukuthi uTeko uxoxa neCape Town City,” kusho uMahlakgan­e.

UModise udlalile noMcCarthy kuBafana.

UModise, oke wanqoba umklomelo womdlali ovelele amasizini amabili elandelana kwi-Absa Premiershi­p, ukubeke kwacaca ukuthi usafuna ukudlala amanye amasizini amabili. “Angilona uhlobo lomuntu oluthanda ukuhamba lukhuluma ngodaba lomdlali izingxoxo zibe zisaqhubek­a. “Njengamanj­e iCity noTeko basaxoxa. Uma sebeqedile ngizobe sengiyange­nelela. Okwamanje akukaqedwa lutho,” kusho uMahlakgan­e. UComitis okuke kwavela ukuthi uphesheya akatholaka­langa ukuphawula, ucingo lwakhe beluvaliwe. ICity isisayinis­e u-Ayanda Patosi obegijima kwiLokoren yaseSweden ngesizini edlule. Phakathi kwabadlali abanonhlon­ze ababoshelw­e yiqembu nguLebogan­g Manyama owenze ezibukwayo emiklomelw­eni yePSL no-Aubrey Ngoma bobabili abafunwa uthuli yiMamelodi Sundowns. NgoJanuwar­i iSundowns ibifuna uMichael Essien waseGhana.

 ?? Isithombe: ETV ?? UCEBO Ngema okwesokudl­a unethemba lomphumela ohlukile uma esephinda noToto Helebe ngoJulayi 30 e-East London
Isithombe: ETV UCEBO Ngema okwesokudl­a unethemba lomphumela ohlukile uma esephinda noToto Helebe ngoJulayi 30 e-East London
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTEKO Modise okubonakal­a ivuthwa indlela yakhe ebheke kwiCape Town City
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTEKO Modise okubonakal­a ivuthwa indlela yakhe ebheke kwiCape Town City
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa