Ngiyokholwa sengilwa: Ngema
UNOKUNGABAZA ngempi umshayisibhakela waKwaZulu-Natal, uCebo Ngema, ohlelelwa eyabhande le-SA bantamweight nompetha uToto Helebe waseKapa.
Impi kaNgema noHelebe izoba ngenye yezintathu zezicoco zaseNingizimu Afrika ezihlelwa nguTeris Ntuthu weRumble Africa Promotions ezizoba ngoJulayi 30,e-Orient Theatre, e-East London. UNgema, ozobe elwa okwesithathu noHelebe, ugcine ukungena eringini ngoMeyi nyakenye ehlula uMorris Lento empini yebhande le-Interim WBA Pan African bantamweight ebelingaphethwe muntu. Nokho njengenqwaba yabashayisibhakela bakuleli, ubhokelwe yindlala yezimpi. UNgema uthe kusukela ngoNovemba nyakenye sekubhutshe izimpi zakhe eziyisithupha.
“Ngizokholwa uma sesithintene ngamagilavu, sekuqala impi ukuthi ngempela ikhona. Sezibhuntshe kakhulu izimpi zami. Kodwa okumnandi wukuthi bengihlale ngisejimini ngaso sonke isikhathi. Angikaze ngidikibale,” kusho uNgema.
“Ukuhlala isikhathi eside ngingalwi ngibona kube yisibusiso ngoba ngiwalungisile amaphutha, ngakhula kakhulu endleleni engilwa ngayo. Ngifunde ezinye izinto ebengikade ngingazazi.”
UNgema (11-5-2) ubhekane noHelebe (17-7-0) okokuqala ngo-2012 kodwa wakhala ngaphansi ngamaphuzu empini eyayiseGood Hope Hall, eKapa. Empini eyimpinda ngo-2014, waphinda wahlulwa uNgema ngendlela efanayo sebebanga ibhande leSA bantamweight nokwaba yimpi uHelebe agcina ngayo ukulivikela. Ezinyangeni ezedlule uHelebe ubesohlwini lompetha abebekhonjwa ngenjumbane yiBoxing South Africa (BSA) ngokuthi bazophucwa amabhande uma bengawavikeli.
“Empini yokuqala ngangiwinile, ngaze ngamginqa kodwa kwathiwa ushibilikile. Amajaji asicekela phansi. Kweyesibili nakhona ngangiwinile kodwa amajaji aseKapa aphinda enza into yawo. Kulokhu nginethemba ngoba silwela e-East London. Kuzomele sizihlukanise kakhulu kuyena ngamaphuzu ukuze kucacele noma ngubani ukuthi siwinile,” kusho uNgema.
“Ngiyabazi ubuthaka bakhe, angazi noma yena uyabazi yini obami. Sekuyisikhathi manje sokuwina ibhande, kade ngishona phansi ngibuye ngivumbuke.”
Nakuba uNgema ekhuluma kanjena kodwa uHelebe ungomunye wabashayisibhakela abawina izimpi e-East London endaweni iningi elingabuyi kuyona, eligcina likhala ngokwenzelela kwamajaji akhona. Ngo-2015 uHelebe uqede ngoSiphosethu Mvula wakhona e-East London phambi kwabalandeli bakhe empini yebhande le-Interim WBA Pan African super bantamweight .