ISharks iphika eyokupheka umphumela
ICELL C Sharks iyikhahlela ngazo zombili eyamahlebezi okuthi ingase ibophele isikimu esizoqinisekisa ukuthi iyahlulwa yi-Emirates Airlines Lions kuVodacom Super Rugby ngoMgqibelo ngo-5.15 ntambama, eThekwini ngenhloso yokugwema ukuyodlala neCrusaders eChristchurch, eNew Zealand kweyomkhumulajezi.
Njengoba umdlalo weSharks neLions kuyiwona ozoba owokugcina osukwini bese kuba yima kucaca ukuthi ubani uzodudulana nobani kumaquarter final, umbuzo omkhulu uthi kungenzeka yini iSharks iwudedele ngamabomu lo mphumela ngoba izobe seyazi kahle ukuthi idlalelani.
Uma iHurricanes inqoba ekhaya eWellington lapho izobe ibhekene khona neCrusaders engayazi induku kule sizini (okuyinto okungalindelekile nokho ukuthi yenzeke) bese iLions ishayela iSharks ekhaya, iqembu laseThekwini lizowudlalela eGoli umdlalo wama-quarterfinal.
Uma kuba yiCrusaders enqobayo kwiHurricanes (njengoba kulindelekile) neLions inqobe eThekwini, iSharks izomelwa wumqansa wokuya enkundleni lapho kungekho khona iqembu eselike lanqoba kule sizini. ISharks ithi ngeke izikhathaze ngokuthi kunqobe bani (emdlalweni ozodlala ekuseni ngoMgqibelo) kepha ekubhekile wukwenza kahle kowayo ngawo uMgqibelo ntambama.
Ekhuluma nabezindaba omunye wabaqeqeshi beSharks, uSean Everett, uthe: “Okusemqoka kithina ukuqinisekisa ukuthi sifika sinomgqigqo wokunqoba kunoma ubani esizodlala naye ku-quarter final. Umcabango wabathile wokuthi sizohlulwa ngabomu uma kunqoba iHurricanes ngoMgqibelo ekuseni uyasiphoxa.”
Ezimnandi kuleli thimba labaqeqeshi ezithi isikwati siqinile kwazise kubuya uLwazi Mvovo noCobus van Wyk abebelimele. Abadlali abazobe bengekho lapha