UTinkler unikeze abadlali bakhe ikhefu
UMQEQESHI weSuperSport United, u-Eric Tinkler, unikeze abadlali bakhe ikhefu lamasonto amabili ngemuva kokuzibekisela indawo kuma-quarterfinal eCaf Confederation Cup.
Amatsatsantsa A Pitori anenebule iFC Mounana ngo 4-1 emdlalweni wokugcina wamaqoqo eCaf Confederation Cup obuseLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngempelasonto.
UJeremy Brockie ushaye amagoli amabili amanye ashaywa nguBradley Grobler noThabo Mnyamane. Elokubika leMounana lishaywe ngu-Ellesa Mensha ngesiwombe sesibili.
Kuma-quarterfinal aqala ngoSepthemba, iSuperSport izodudulana neZesco United yaseZambia ekhaya nasekuhambeni.
Ngemuva komdlalo uTinkler utshele abezindaba ukuthi abadlali bakhe uzobanika ikhefu.
ISuperSport ayikaze ivale, kunalokho beyiphansi phezulu nemidlalo yamaqoqo eConfederation Cup. Phezu kwalokho iphinde yadlala umdlalo wamanqamu weNedbank Cup.
“Abadlali bazophumula. Siyoze sibonane nabo ngoJulayi 28. Kuleli sonto elizoqala ngizohlola abafana abancane abebegijima kwiMultiChoice Diski Challenge nabanye abadlali abazozama inhlanhla. ISuperSport yiqembu elikholelwayo ekuthuthukiseni abadlali. Sizodlala imidlalo yesihle okuyilapho engizobabona khona kahle,” kusho uTinkler.
UTinkler, ogile izimanga ngesizini edlule kuCape Town City, ukubeke kwacaca ukuthi ngeke azenze izinguquko ethimbeni lakhe labaqeqeshi.
“Besinovalo ngesikhathi kusewu 1-1 emdlalweni weTP Mazembe neHoroya. Sithuke kakhulu ngesikhathi iMazembe isishaya igoli lesibili ngoba iHoroya ibisidinga igoli elilodwa bese kuyaphela ngathi. Ngemuva kwegoli lesibili leMazembe ngibatshelile ukuthi ngicela bengabe besangitshela ukuthi kuhamba kanjani kulo mdlalo. Konke kugcine kuvune thina ngoba sizodlala neZesco United eseZambia okungomakhelwane bethu, ngeke sihambe ibanga elide. Noma kunjalo-ke kodwa ngeke siyithathe kancane iZesco ngoba iyiqembu eliqinile,” kusho uTinkler.
Ngempelasonto uTinkler ubeqeqesha ehlezi nezihlwele.
“Indaba yami yokubhaliswa kwiCaf isalungiswa. Yingakho bengingahlezi ebhentshini,” kusho uTinkler.