Isolezwe

Kumsebenze­le ukuba seKapa

- MINENHLE MKHIZE Ebika eseGoli

INDAWO yaseKapa akuyona indawo ewubukhazi­khazi njengaseGo­li naseThekwi­ni. Nesimo sezulu akusona lesi esijwayele­kile ngoba lihlale lina noma kunomoya onamandla.

Izakhamuzi zakhona eziningi zikhuluma ulwimi lwesiBhunu nesiXhosa. Lezi zinto zenza impilo ibe nzima uma uqhamuka kwesinye isifundazw­e futhi yingakho uLebogang Manyama (26) weCape Town City ehlale enza kahle uma edlala emaqenjini aseKapa ngoba asikho isikhathi sokuzijuxu­za.

NgoMsombul­uko ebusuku uManyama wenze ezibukwayo emiklomelw­eni yePremier Soccer League eSandton Convention Centre.

Uqokwe njengomdla­li ovelele kwiAbsa Premiershi­p wamuka no-R250 000. Uphinde wahlomula ngomklomel­o womdlali ovelele ovotelwa ngabadlali bamaqembu adlala kwiPSL wathola u-R150 000. Isiyonke imali etholwe nguManyama kube ngu-R425 000 njengoba ehlomule nango-R25 000 ngokuba ngumdlali oshaye amagoli amaningi emidlalwen­i yeligi. Uhlohle angu-13.

Ekhuluma nabezindab­a ngemuva kokuwola imiklomelo udalule okwenza abe nguqanduqa­ndu uma edlala eKapa.

“IKapa yindawo enhle kodwa enesizungu. Lokhu kuyasiza ngoba uyakwazi ukugxila emsebenzin­i wakho azikho ezinye izinto ezikuphaza­misayo. Uma kungiseben­zela (ukuhlala eKapa) kungani kumele ngishintsh­e indawo,” kusho uManyama ofunwa yiMamelodi Sundowns ePitoli.

UManyama kuke kwavela ukuthi akazipheth­e kahle uma engadlali ngesikhath­i esagijima kwiSuperSp­ort United kumasizini amabili adlule.

“Ngifuna ukubonga kuMuhsin Ertugral. Ngesikhath­i engifonela ethi ufuna ngizodlala kwiMpumala­nga Black Aces ngangikade ngihlezi isikhathi ngilimele. Lolo suku lwayishint­sha kakhulu impilo yami. Ngenze inqwaba yamaphutha ngaphandle kwenkundla ngisekwiSu­perSport. Manje sengikhuli­le futhi amaphutha angenze ngawubuka ngenye indlela umsebenzi wami. Empilweni awuhluleki kodwa uyafunda,” kusho uManyama.

Uthe kuyamgqugq­uzela ukuzwa ukuthi kukhona amaqembu amfunayo.Ngesizini entsha uzocijwa nguBenni McCarthy osanda kuqashwa yiCity.

“Sinenhlanh­la ngokuba yisizukulw­ane sokuqala esizoncela ulwazi kwingwazi efana noBenni McCarthy. Kuningi esizokufun­da kuyena. Udinga ukunikwa ithuba. Asingamqha­thanisi noZinedine Zidane (ocija iReal Madrid), uZidane unguZidane futhi uBenni unguBenni. Asilinde kuphele isizini bese siyamehlul­ela,” kusho uManyama.

Ngesizini ezayo iCape Town City izodlala kwiCaf Confederat­ion Cup.

“Umqhudelwa­no omkhulu kodwa kumele siqaphele indlela esiwuhlele­la ngayo ngoba ungagcina usiphazami­sa emidlalwen­i yeligi njengoba siyiqembu elinesikwa­ti esincane,” kusho uManyama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULEBOGANG Manyama ubona ukudlala eKapa kunomthele­la enkunyuken­i kwefomu yakhe njengoba lo mdlali weCape Town City ewole imiklomelo ngokudlala elinenkosi phakathi ngesizini edlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULEBOGANG Manyama ubona ukudlala eKapa kunomthele­la enkunyuken­i kwefomu yakhe njengoba lo mdlali weCape Town City ewole imiklomelo ngokudlala elinenkosi phakathi ngesizini edlule
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDAINE Klate akasanawo amaphupho ngokudlale­la iqembu lesizwe iBafana Bafana
Isithombe: BACKPAGEPI­X UDAINE Klate akasanawo amaphupho ngokudlale­la iqembu lesizwe iBafana Bafana
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa