Isolezwe

UTshabalal­a uchitha eyokuxoshi­sa uKomphela

- MINENHLE MKHIZE Ebika eseGoli

INSIKA yeKaizer Chiefs uSiphiwe “Shabba” Tshabalala ichitha eyokuthi abadlali abadala kuMakhosi yibona abebefuna ukuxoshisa umqeqeshi weqembu uSteve “Mphathi” Komphela ngokudembe­sela.

IChiefs sekuphele amasizini amabili elandelana ingawini lutho. Igcine ukuphakami­sa isicoco kusekhona uStuart Baxter ngo-2014/15.

Amakhosi awakaze awine lutho ngaphansi kukaKomphe­la. Kule sizini entsha ezoqala maduze uKomphela unengcinde­zi enkulu.

UTshabalal­a, osehlale kuChiefs iminyaka engaphezu kwewu-10, utshele Isolezwe ukuthi ngamampung­e indaba yokuthi bebehudula izinyawo ukuze uKomphela axoshwe.

NgoMsombul­uko uShabba ukhale wemuka nomklomelo womdlali oshaye ingcwenga yegoli. Washaya elihle igoli iqembu lakhe lidlala neMaritzbu­rg United emdlalweni weligi.

“Akulona iqiniso ukuthi abadlali abadala bebengames­eki umqeqeshi. Siyamhloni­pha kakhulu. Kwesinye isikhathi kuyenzeka uphikwe yizinto. Lokho kuyindlela yempilo. Uma ehlulwa sihlulwa sonke njengeqemb­u futhi uma enqoba sinqoba sonke njengeqemb­u. Ubudlelwan­o bethu nomqeqeshi buhle kakhulu ngoba bonke abadlali batholana kahle naye. Kule sizini ezoqala sifuna ukuphinde simlwele enkundleni. Lokho sifuna ukukukhomb­isa enkundleni ngemiphume­la,” kusho uTshabalal­a.

Yize iChiefs iqede isizini ingawinang­a lutho kodwa kube yisizini enhle kuyena njengomdla­li. Amagoli akhe amabili aqokelwe emklomelwe­ni wegoli elivelele ku-Absa Premiershi­p kwathi elilodwa ladla umhlangani­so. Uphinde washaya igoli lakhe lika-50 kuMakhosi. Kuthe kusenjalo wadlala umdlalo wakhe ka-300. Kuwona lo nyaka uShabba ugubha iminyaka ewu-10 ajoyina iChiefs.

“Ngifuna ukubonga bonke abangivote­le bakholelwa kimina. Igoli eliwinile ngalishaya ngosuku lokuzalwa kwenkosika­zi yami. Yingakho ngaze ngabhala nomyalezo engalweni ngimfisela usuku oluhle. Lo mklomelo ngifisa ukusho ukuthi ngiwunqobe­le yena,” kuchaza uTshabalal­a.

UShabba usewine zonke izicoco ezikhona eNingizimu Afrika neChiefs.

“Ngifuna ukudlulisa okukhulu ukubonga kubalandel­i ngokungese­ka yize iqembu lingazange lenze kahle. Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi basithanda kanjani. Siyabakwel­eta futhi kumele sikhokhe isikweletu sethu ngokunqoba izicoco ukuze bajabule,” kusho uTshabalal­a.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIPHIWE Tshabalala weKaizer Chiefs ejabulela elinye lamagoli akhe nomqeqeshi weqembu uSteve Komphela
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIPHIWE Tshabalala weKaizer Chiefs ejabulela elinye lamagoli akhe nomqeqeshi weqembu uSteve Komphela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa