UKlate akasenandaba neBafana Bafana
ISILOMO seBidvest Wits uDaine “DK7” Klate asisenandaba neBafana Bafana.
UKlate (32) uqhubekile nokwengeza emgodleni wakhe wemiklomelo wezindondo eqokwa njengomdlali ovelele kwiMTN 8 ngesizini ka-2016/2017.
Leli nxele liphethe izicoco eziyisithupha ze-Absa Premiership, ezintathu zeNedbank Cup, ezimbili zeMTN 8 neseTelkom Knockout.
Ngo-2009/10, uKlate uqokwe njengomdlali ovelele ku-Absa Premiership kulandela ukusiza iPirates ukuthi ihlabane ngesicoco seligi.
Ngesizini edlule uKlate uphinde wasiza iWits yakhala yemuka nesicoco seligi.
Yize lo mdlali esenqobe inqwaba yezicoco kodwa akanayo inhlanhla yokubizwa kwiBafana anemidlalo engu-13 kuyona.
Akakaze ayimele emiqhudelwaneni emikhulu njengeTotal Caf Africa Cup of Nations, Fifa Confederation Cup nakwiNdebe yoMhlaba.
Exoxa neSolezwe ngemuva kwemiklomelo yePremier Soccer League eSandton Convention Centre, eGoli ukubeke kwacaca ukuthi akasadlaleli ukubizelwa kwiBafana.
“Ngikhathele manje yilo mbuzo omayelana nokudlala ingcosana yemidlalo kwiBafana. Njengamanje into engizihlupha ngayo wukusiza iqembu lami liwine izicoco nokudlala isikhathi eside esigabeni esikhokhelayo. Isifiso sami wukwengeza isibalo sezindondo zami. Sengigeze inhliziyo ngendaba yeBafana. Anginawo amandla okushintsha okwenzekayo. Ngakho ngeke ngizixake ngezinto ezingaphezu kwamandla ami,” kusho uKlate. UKlate uthe lesi isikhathi sabadlali abasebancane. “IBafana akumele izixake ngami. Kunabadlali abancane abenza kahle. Kunomfana onjengoKeagan Dolly odlala ibhola elimnandi. Njengamanje yithuba labo lokusiza izwe. Mina ngibenebhadi ngangalithola ithuba lokudlala kwelesizwe. Okumqoka kimina wukugxila eqenjini lami. Lokhu akusho ukuthi ngizonqaba uma ngibizwa kwiBafana kodwa ngikholwa wukuthi sekuyisikhathi sabafana abancane,” kusho uKlate.
Abadlali abayibamba ngakwesokunxele phambili kwelesizwe nguDolly, Thabo Mnyamane no-Aubrey Ngoma.
“Kuyangijabulisa ukuthi yonke indawo lapho ngiyakhona ngilandelwa yizicoco. Okuhle wukuthi yize ngiyiwina imiklomelo enqotshwa ngabadlali ngabodwana kodwa ngiyakwazi ukufaka isandla empumelelweni yeqembu. Lokhu kuyakhombisa ukuthi angidlaleli ukugqama. Ukudlala nabadlali abaseqophelweni eliphezulu kwenza izinto zibe lula. Ukuhlonipha umsebenzi wami, ukusebenza kanzima nokudlalela impumelelo yeqembu kunodumo yikona okungisizayo,” kusho uKlate.