SIMPHATHE KABI U-POTSHOZA ISIMO SIKA-MASULUKE
IQHAWE lakho elingabuthi quthu ubuthongo lithungathela wena ezihlabahlosile zePremier Soccer League (PSL), namanje lisahluleka ukususa isithombe sikanozinti weBaroka FC, u-Oscarine Masuluke ngesikhathi kumenyezelwa uSiphiwe Tshabalala njengomdlali oshaye igoli elihle kunabo bonke ku-Absa Premiership ngo-2016/2017.
Ngaphandle komklomelo kaLebogang Manyama wamagoli amaningi, iningi ngisho noPotshoza imbala, belizitshela ukuthi uMasuluke nguyena ozodla owegoli elivelele. Igoli lakhe alishaya iBaroka ibhekene ne-Orlando Pirates koweligi ngoNovemba nyakenye, kukhulunywe ngalo umhlaba wonke.
Nokho zijikile izinto eSandton Convention Centre eGoli ngoMsombuluko ebusku sekumenyezelwa ukuthi ngelikaTshabalala igoli elidle umhlanganiso alishaye kulo nyaka bebhekene neSuperSport United. Eqinisweni noPotshoza ubelindele uMasuluke kodwa washeshe wakhumbula ukuthi lo mklomelo ubuvotelwa abantu. Akekhoke okungabazayo ukuthi iliphi iqembu elilandelwa kunawo wonke eNingizimu Afrika.
UMasuluke ushaywe amavoti lapha futhi uma ubheka ukuthi iChiefs ayitholanga lutho ngesizini edlule, izinkumbi zabalandeli bayo zibone kuyilona thuba leli ukuthi iqembu labo lithole okuthile kwazise uyena noRamahlwe Mphahlele kuphela vele obeqokiwe emiklomelweni emibili kuphela.
Kube muncu esehluleka ngisho ukushaya izandla, indumalo ibhalwe ebusweni kuMasuluke ngesikhathi uTshabalala eseyothatha umklomelo wakhe. lutho okwamanje.
“Sinomqeqeshi omusha ngakho izinguquko zingalindeleka. Bakhona abadlali esixoxa nabo futhi kuyethembisa. Abanye balabo badlali abagadli,” kusho uKonco ovele woma yinsini ngesikhathi uPotshoza embuza ukuthi ukhona yini uMabena kulabo bagadli.
“Sisesiningi kakhulu isikhathi iwindi livulekile ngakho-ke linda nje ngoba kusekuningi okuzokwenzeka futhi kuzothusa abaningi,” usho kanje.