Isolezwe

KUBHEKWE ISINQUMO SE-PIRATES NGONGUBO

-

saseMonten­egro uSlavko Damjanovic.

AKABONWA ejimini yeRoyal Eagles umgadli ebihlale imboleka kwi-Orlando Pirates, uSiyanda Ngubo, oshaye into ecokeme kuleli qembu ngesizini edlule.

UNgubo kuvela ukuthi ubuyele kwiPirates okusalindw­e ukuthi inqume ngekusasa lakhe. IMenenja ye-Eagles, uJames “Matatazela” Dlamini, ikuqinisek­isile ukuthi uNgubo akekho njengoba belungisel­ela ukuqala kwesizini yeNational First Division (NFD) futhi azikho izingxoxo abanazo nePirates okwamanje mayelana nokuthi abuye.

“Sizama ukwakha elethu iqembu, hhayi ukuthi uma kuvale isizini asisali nalutho. Sisabuka okwethu. Uma kukhona lapho sishoda khona, siyoqala-ke siyoshaya indesheni kwamanye amaqembu,” kusho uDlamini.

I-Eagles isivele iqinise iqembu layo ngoMazwi “Jomo” Mncube waKwaMashu obegijima kuMthatha Bucks kwiNFD ngesizini edlule. kwamasizin­i amabili ligawulwe yizembe ku-Absa Premership, selehlele ku-SAB League emuva kokuphindw­a ngesifanay­o ku-ABC Motsepe League.

Izolo usihlalo weSwallows, uPanyaza Lesufi, uqinise umkhankaso wokushaya isoso kwabalande­li ukuze bathenge isitifiket­i kuNFD noma kuPremiers­hip ngaphansi kwesiqubul­o “Reviving Swallows FC Campaign”. Lokhu abalandeli bazokwenza ngokutheng­a amasheya angu-20 000 abiza uR350 lilinye noma bejoyine ubulunga beSwallows, iSwayiClub ngoR120.

Abalandeli bangena ku-website ethi: wwww.revivingsw­allows.com

noma bathumele umqhafazo

 ??  ?? SIYANDA NGUBO
SIYANDA NGUBO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa