Isolezwe

Kuyathusa okushiwo nguJordaan

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ILAHLISA ngethemba inkulumo kamengamel­i weSouth African Football Associatio­n (Safa) uDanny Jordaan ngokuba yingxenye kweBafana Bafana kowe-African Nations Championsh­ip (CHAN) ezokuba ngasekuqal­eni konyaka ozayo eKenya.

Kuzokuthi ngeSonto iBafana ivakashele eFrancisto­wn lapho iyoshukana khona neBotswana kowomlenze wokuqala wokuhlunge­la ukudlala kuCHAN ngonyaka ozayo. Umlenze wesibili useMorulen­g Stadium ngoJulayi 22.

Ngempelaso­nto edlule uJordaan uthe, ukube kuya ngaye ngabe iBafana ayizihluph­i nangokuyid­lala eyokuhlung­ela iCHAN ezokuba ngoJanuwar­i ka-2018 eKenya ngoba umthwalo wokuba yingxenye yalo mqhudelwan­o uzoba mkhulu kakhulu.

Abezeseka ngakho uJordaan wukuthi lo mqhudelwan­o odlalwa abadlali abazinze emaligini asekhaya awukho ngaphansi kwekhalend­a leFifa. Ngalokhu lo mengameli ubona kuzophinde kube nezinye izinkinga uma sekufanele kuqokwe isikwati ngoba amaqembu ngeke avume nabadlali bawo.

“Ngenxa yezinkinga eziningi, uma siphumelel­a ukuzibekis­ela indawo kuCHAN ngonyaka ozayo sizohambis­a abafana abadlala ku-ABC Motsepe League ngoba abanye ngeke sibathole,” kusho uJordaan eSafa House ngeSonto.

Kukhala umengameli nje, umqeqeshi uStuart Baxter nemenenja yeBafana, uBarney Kujane bahambe baze baba bafushane bencenga amaqembu ukuba abadedelel­e abadlali abangabadi­ngi kangako njengoba wonke amaqembu eqala amalungise­lelo okuqala kwesizini.

Nesikwati esimenyeze­lwe izolo sikwenza kuhlale obala ukuthi iBafana izoya kulo mdlalo weBotswana ngesikwati esihluke kakhulu kunebesiku­Cosafa Castle Cup muva nje kepha kugqishe abadlali abasathung­atha amakhaya nabangadin­geki kangako emaqenjini abo.

“Ngifunde okuningi kuCosafa ngabadlali abancane futhi ngikubona njengeliny­e ithuba lokubafund­a futhi nengingaba­zi kuCHAN. Okuzoba wumqansa ukuthi kuzofana nokuthi siqala phansi kulokhu ebese sikwenzile nebesesiku­fundile kuCosafa,” kusho uBaxter.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa