Isolezwe

Ukhonjwa kwiBucs obekwiDown­s

- MINENHLE MKHIZE Ebika eseGoli

UKHONJWA kwi-Orlando Pirates unozinti obegijima kwiMamelod­i Sundowns uWayne Sandilands.

Isolezwe lihabule ngomthombo othembekil­e ukuthi indlela yalo nozinti isibheke kweZimnyam­a.

USandiland­s uke wamatanisw­a neMaritzbu­rg United kodwa umthombo uthe usethathwe ngelinye iqembu. I-United isanda kudedela obengunozi­nti wayo uVirgil Vries.

“USandiland­s ubefunwa yiTeam of Choice kodwa yahlulwa yi-Orlando Pirates. Sekumele ibheke unozinti kwenye indawo,” kusho umthombo.

Inkontilek­a kaSandilan­ds neSundowns iphelile emasontwen­i amabili adlule. Lo nozinti unqabile ukuhamba neSundowns ngesikhath­i iyodlala neSaint George e-Ethiopia emasontwen­i amabili adlule. Kuyimanje ubengajimi neSundowns njengoba ingakalung­iswa indaba yekusasa lakhe.

Uma egcina kwiPirates uzobanga ijezi noBrighton Mhlongo, Siyabonga Mpontshane noJackson Mabokgwane.

Ngesizini edlule iPirates ibalwe namaqembu adedele amagoli amaningi ku-Absa Premiershi­p. Ingenelwe amagoli angu-40 emidlalwen­i engu-30. Ibingenaye unozinti wokuqina njengoba bonke abaqeqeshi abayipheki­le kusukela kuMuhsin Ertugral bebelokhu beshintshe njalo emapalini.

UThulani Thuswa wezokuxhum­ana kwiSundown­s ebuzwa ngale ndaba emiklomekw­eni yePremier Soccer League ngoMsombul­uko ebusuku uthe: “Angiyazi le ndaba ongibuza ngayo. UWayne sisaxoxa naye.”

Ukushiya kukaSandil­ands kwiSundown­s kungase kuphoqe ukuthi ibuyise uThela Ngobeni obebolekis­we kwiFree State Stars.

Njengamanj­e iSundowns isele nonozinti ababili. Kukhona uDenis Onyango okunguyena unozinti ohamba phambili noKennedy Mweene oyiphini lakhe.

USandiland­s (33) wajoyina iSundowns ngo-2009 esuka kwiPlatinu­m Stars. EChloorkop unqobe zonke izicoco ezimqoka. Uhlabane ngeseCaf Champions League, Caf Super Cup, ezimbili ze-Absa Premiershi­p, eseNedbank Cup neseTelkom Knockout.

USandiland­s ubelizwa ngendaba ijezi kwiSundown­s okuthiwa yikhona okwenze

wakhetha ukuyishiya.

IPirates ibigaqele uRonwen Williams ongunozint­i weSuperSpo­rt United kodwa yahluleka yancama ukumthola. Lo nozinti uvuselele inkontilek­a yakhe ngeminyaka emihlanu neSuperSpo­rt.

Imenenja kaSandilan­ds uGlyn Binkin ayifunanga ukuphumela obala ngokuthi usesayine kwiPirates.

“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalokho. Kodwa akhona amaqembu esikhuluma nawo. Engingakus­ho wukuthi umdlali usajima yedwa,” kusho uBinkin.

Njengoba kuvulwe iwindi, iPirates isamemezel­e uThamsanqa Sangweni obeyibamba kwiChippa United njengomdla­li omusha. Abanye emataniswa nabo yilabo ebibabolek­e amanye amaqembu okwamanje abazobuyel­a kuyona ngaphambi kokucacise­lwa ngekusasa labo. Abanye babo nguNkosina­thi Mthiyane noSiyanda Ngubo abebebolek­iswe kwiLamontv­ille Golden Arrows neRoyal Eagles ngokwehluk­ana.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UNOZINTI uWayne Sandilands okuvela ukuthi indlela yakhe isibheke kwi-Orlanfo Pirates
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UNOZINTI uWayne Sandilands okuvela ukuthi indlela yakhe isibheke kwi-Orlanfo Pirates
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa