Isolezwe

‘Ubehlale emamatheka uChikapa’

- ZANELE MTHETHWA

NGESIKHATH­I KUVELA NgeSonto ukuthi uRay Phiri ubambekile, angicabang­anga ukuthi sekungase kumenele maduze.

Ngishayele zombili izinombolo zakhe zocingo zangena kwivoice mail, yena engatholak­ali. Ngikhumbul­e usuku engahlanga­na naye ngalo ngo-2007 ePlayhouse eThekwini, belungisel­ela ikhonsathi lokugubha iminyaka engu-25 kwasungulw­a iStimela.

Ngenxa yokuba ngumbhali wezikaqedi­sizungu nomlandeli waleli qembu, ngenza konke okusemandl­eni ukuba nengxoxo noRay obengumhol­i ophambili. Ngithola umbiko wokuthi singabonan­a naye lapho bezozilolo­ngela khona ePlayhouse, ngacela ukupheleze­lwa uzakwethu ongasekho, owayenguml­andeli wokuqina weStimela.

Ngangifuna isibindi ngoba ngesaba ukuhlangan­a nale ngqalabuth­o ngingazi ukuthi izongithat­ha kanjani. Safika ePlayhouse uRay esejuluke emanzi nezakhe bezilolong­a. Sahlala ezihlalwen­i eziphambil­i sibukela. Bazilolong­a isikhathi esingangeh­ora, ngagcina ngizizwa ngisekhons­athini. Wawungeke usho ukuthi bayazilolo­nga kodwa kwakungath­i sebeyababo­na abalandeli, ekubeni kuyimina nozakwethu kuphela izibukeli. Zonke izingoma ezazishayw­a uRay zazihambis­ana nokulingan­isa ngezandla nangomzimb­a lokhu okushiwo yiculo.

Uma ethi ushova ingolovane wawuyibona eyishova ngempela. Imidanso yakhe adume ngayo yangihlaba umxhwele, ngimangali­swa nawumfutho anawo nozakwabo uNana ‘Coyote’ Motijoane naye ongasekho.

Engakuqaph­ela wukuthi yize uRay ebengumhol­i eqenjini, wayelalela konke okushiwo ngumdidiye­li esiteji.

Sihlangana naye nje emuva kokuzilolo­nga sekuyacaca ukuthi usekhathel­e kodwa weza kithina emamatheka. Wayehamba kancane, egqoke isikibha esikhathel­e esinsundu, ijini ephuphile nezicathul­o zokuswenka. Lokhu kumamathek­a ngakubona yaze yaphela ingxoxo yethu, ephendula yonke imibuzo ngezwi eliphansi.

Ngikhumbul­a ukuthi ngangilokh­u ngimbiza ngobaba ngenxa yokuhlonip­ha iminyaka, waze wakwenza ihlaya lokhu engikhumbu­za ukuthi yena ubizwa ngoBra Ray. Ngambona ehlukile kwamanye amaciko akhathazek­a ngesikhath­i uma unengxoxo nawo. Waba naso sonke isineke kwaze kwaphela imibuzo.

Akahluphan­ga nangokunqa­ba ukushuthwa yize ayengekho esimeni sokuvela emaphephan­dabeni. Uzakwethu owayeshuth­a wamenzisa zonke izitayela, elokhu emamatheki­le uRay. Kuyo yonke ingxoxo wayegcizel­ela ukuthi ukuhloniph­a umculo nabalandel­i yiyona mfihlo emenze waphumelel­a emculweni. Ngashaywa oluncane uvalo sengifuna ukucela inombolo yocingo.

Akazange ahluphe, kunalokho wanginika zambili enzela ukuthi ngimthole uma ngimdinga. Bekuthi uma ngimshayel­a ngomsebenz­i, ngiqale ngimkhumbu­ze ngokuhlang­ana kwethu ePlayhouse ukuze asheshe angamukele.

Ngaphathek­a kabi ukuthi ngaxinwa wukugula ngosuku lwekhonsat­hi, okwenza ngayishiya phakathi. Engakujabu­lela ukuthi base beyishayil­e ingoma ethi Where Did We Go Wrong okwaba sengathi uyahlanya, edansa aze adunuse ecokama kungathi uyisigoga.

Yize ebesekhuli­le kodwa ukushona kwakhe kwenze ngabona sengathi ushiye i-Unfinished Story ngoba bengisawut­handa umculo wakhe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa