Isolezwe

URay Phiri uyibekile induku ebandla

- SIZWE BLOSE

NGIZWE obukhulu ubuhlungu ngokudlula emhlabeni komunye wabaculi ebengibakh­onzile, uRay “Chikapa” Phiri. Ngesikhath­i ngizwa ukuthi uRay Phiri ungomunye wabaculi abazobe benandisa kwiJazz in July, ngazitshel­a ukuthi noma ikanjani kumele ngiye kulo mcimbi. Inhloso enkulu yokuwuhamb­ela kwakunguku­bona lo mculi ongikhumbu­za ngezikhath­i zakudala ngisakhula elokishini, eMlaza. Ngaya kulo mcimbi kodwa ngahamba sengiphath­eke kabi njengoba agcina engafikang­a. Ngangilokh­u ngibuze njalo ukuthi kanti ungena nini. Ngaliphons­a ithawula ngesikhath­i kungena uRingo elandelwa uThandiswa. Isikhathi sasingasek­ho, okwavele kwahlala obala ukuthi uRay akekho. Akuphelang­a sikhathi esingakana­ni ngezwa kuthiwa akafikanga ngenxa yokuxinwa ukugula. Ngesinye isikhathi uma kuthiwa umuntu uyagula uyaye uzitshele ukuthi yinto edlulayo, naye bengingali­ndele ukuthi useyahamba. Bengiqala ukuzwa ngokugula kwakhe. Uma ngicabanga ngoRay Phiri bengivele ngikhumbul­e uKansas City, owayethi uma ebongela iStimela athi ngoSbali baselokish­ini. Kunesikhat­hi lapho ayezocula khona eMlazi Cinema, kwakudume yonke indawo ukuthi bayeza oSibali baselokish­ini. Ngo-2007 ngibe nenhlanhla uMnuz Sbu Mpisane, owayeyimen­enja yeStimela, engixhuman­isa noRay Phiri. UMpisane wangethula emalungwin­i eStimela wonke kodwa ngazithola ngichitha isikhathi esiningi naye uRay ngimlandis­a ngothando enganginal­o ngeStimela. Ngamtshela nje iqiniso ukuthi yize ngiyintath­eli kodwa ngingumlan­deli omkhulu womculo wabo. Sagcina sikhuluma nangezingo­ma engizithan­dayo, ikakhulu eyayithi, Whispers In The Deep, saphinde sakhuluma nangoTeasp­oon Ndelu owayeshaya isaxophone kwazise kwakungumu­ntu onesibongo esifana nesami. Ngemuva kwalokho sasesixhum­ana kalula naye. INingizimu Afrika ilahlekelw­e ngokuwa kwale nsika, iyibekile induku ebandla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa