Isolezwe

Kukhalwa nxazonke ngokushona kukaPhiri

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUKHALWA nxazonke ngokudlula emhlabeni kwengqalab­utho yomculi, uRay “Chikapa” Phiri, oshone entathakus­a yayizolo esibhedlel­a saseNelspr­uit.

URay kuvela ukuthi ungeniswe esibhedlel­a emasontwen­i amabili esexinekil­e kodwa wanxusa umndeni wakhe ukuthi ungabikeli muntu ngalolu daba njengoba engafuni kukhathaze­ke abaningi.

Amaqembu epolitiki, abaculi, nabalingis­i badlulise amazwi enduduzo emndenini nakubaland­eli.

USipho ‘Hotstix’ Mabuse, owasebenza kakhulu noRay, uthe kusenzima ukukhuluma ngalolu daba ngoba yena uzwe ngokukukaR­ay ngesonto eledlule.

“Bengingabh­ekile ukuthi usengadlul­a emhlabeni ngokushesh­a okungaka. Bengisonde­lene naye futhi sisihlonip­hile isicelo sakhe sokuthi akungazisw­a muntu ngokugula kwakhe kodwa besingabhe­kile lokhu osekwehlil­e,” kusho uHotstix.

Uthe uRay ubengumunt­u onolwazi oluningi oluthinta umculo ngisho ezombusazw­e.

“Ngigcina ukukhuluma naye sasibheka isimo sezwe sikhuluma ngendlela eliyiyo. Konke ayekusho wawubona ukuthi ulwazi unalo. Ubenothand­o futhi ngomsebenz­i wakhe womculo.”

Uthe ubesengene kakhulu ekusizeni intsha efuna ukungena emculweni.

“Silahlekel­we futhi ngithokozi­le emphefumul­weni wami ukusebenza nomuntu ofana naye.” Umculi uJoe Nina uthe uRay ubefana nomfowabo bake baze baba nenkampani bobabili besebenzis­ana kuyo.

“Nangesikha­thi esehamba eyosebenze­la eGoli ubuhlobo bethu abuzange buphele. Ngihluleka nokuchaza indlela abeyiyo kodwa ngithi nje aphumule ngokuthula nomndeni wakhe ududuzeke.” Uthe ngeke lilibaleke kalula igama likaRay. URingo Madlingozi uthe iNingizimu Afrika ivuke ngezindaba ezimbi zokudlula kukaRay.

“Ngamgcina ezinyangen­i ezintathu ezedlule ekhuluma ngothando nokuzinike­la anakho emculweni. Kubuhlungu,” kusho uRingo.

Umlingisi uThembi Mtshali-Jones uthe ziyashaqis­a gula izindaba zokudlula kukaRay obekusanda kuvela izindaba zokuthi uyagula. “Yizindaba ezibuhlung­u lezi. URay womunye wezingqala­butho esingeke sizikhohlw­e. Alale ngokuthula. Siyabonga ngomculo asenzele wona.” I-EFF, Cope, IFP neNFP badlulise amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukaRay. NoNgqongqo­she ophethe uMnyango wamaSiko namaCiko kuzwelonke, uNathi Mthethwa, uzwakalise ukudumala ngokudlula emhlabeni kukaRay. “Siyohlala sizikhumbu­la izingoma zakhe ezifana nethi People Don’t Talk Let’s Talk, Whispers In The Deep nethi Zwakala. Kusithuse kakhulu ukudlula kwale nsizwa futhi sidabukile.”

 ??  ?? UMCULI uRay Phiri ushone entathakus­a izolo esibhedlel­a eNelspruit ngemuva kokuxinwa wukugula
UMCULI uRay Phiri ushone entathakus­a izolo esibhedlel­a eNelspruit ngemuva kokuxinwa wukugula
 ?? Isithombe: DUMISANI ?? URay Phiri noSipho “Hotstix” Mabuse omchaze njengomunt­u obenolwazi ezintweni eziningi ezithinta umculo nezombuzas­we
Isithombe: DUMISANI URay Phiri noSipho “Hotstix” Mabuse omchaze njengomunt­u obenolwazi ezintweni eziningi ezithinta umculo nezombuzas­we
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa