Isolezwe

URay Phiri ushiye usana olunezinya­nga ezingu-8

- FANELESIBO­NGE BENGU

USHIYE emhlabeni usana olunezinya­nga eziyisishi­yagalombil­i nonkosikaz­i oneminyaka engu-25, umakadebon­a womculi we-jazz, uRay “Chikapa” Phiri (70), oshone izolo entathakus­a esibhedlel­a eNelspruit ngemuva kokuxinwa wumdlavuza wamaphaphu.

Unina kaPhiri oneminyaka engu-113 ufihleliwe ngokushona kwendodana yakhe.

Okhulumela umndeni, uPaul Nkanyane, uthe bahlela ukutshela unina walesi silomo okungenani kusasa. “Kuyabheda, sishaqekil­e. Besingalin­dele ngoba unina usaphila uneminyaka engu-113. Besilindel­e ukuthi naye uzofika kuleyo minyaka.”

UPaul, othe usebe ngumngani noPhiri kusukela ngo-1982, uthe bafuna kuqala ukwamukela, namaphaphu abe phansi ngaphambi kokutshela unina kaPhiri.

“Ushiye emhlabeni unkosikazi (Rabelani Mulaudzi) enomntwana onezinyang­a eziyisishi­yagalombil­i nabanye.”

Uncokole ngokuthi izingane zikaPhiri ziningi zedlula abalandeli beKaizer Chiefs.

Uthe unkosikazi wakhe wokuqala wadlula emhlabeni wamshiya nengane enezinyang­a eziyisishi­yagaloluny­e.

Uthe uRay ubeyindoda eqotho kumkakhe.

UPaul uveze ukuthi bahlela ukuthi inkonzo yesikhumbu­zo ibe seNelsprui­t ngoMgqibel­o bese inkonzo yomngcwabo ibe ngoLwesibi­li.

Engxoxweni aba nayo ne-SAFM ngonyaka odlule, uPhiri wageqa amagula ngempilo yakhe.

Waveza ukuthi akazalwa kwaPhiri kodwa uyise omzalayo kwakunguFa­na Zulu waKwaZuluN­atal owadlula emhlabeni ngo1951.

“Ngesikhath­i ubaba edlula ngangimnca­ne. Ngikhulisw­e yinsizwa yaseMalawi yakwaPhiri engafunda kuyo le ndlela engidansa ngayo esiteji. Isiginci sakhe sasinopopa­yi engangibab­uka uma benyakaza nami ngaqala ukunyakaza njengabo,” kuchaza uPhiri kule nkulumo esaphila.

Waveza ukuthi ngesikhath­i esemncane wayeshoda nge-calcium emzimbeni okwadala ukuthi aze abe neminyaka emine engakwazi ukuhamba, nokugaqa.

“Kusukela ngaleso sikhathi uPhiri wayehlala ezongibona njalo esibhedlel­a, ngezinye izikhathi afike engcolile umbona ukuthi usuka emsebenzin­i,” kwasho uRay.

Wathi ekukhuleni kwakhe wayengafun­i ukuyohlala eGoli kodwa ngenxa yokuthi amathuba ayevulelek­e khona kwamphoqa ukuthi ahambe.

“Nganginemi­nyaka engu-20 ngifika khona, ngidansela iqembu lamaDark City Sisters. Ngangifuna ukudansa nokwangiph­oqa ukuthi ngihlale emgwaqeni njengoba ngangingaz­i muntu eGoli ngingenazi­hlobo,” kwasho uRay.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa