Isolezwe

UMboro usola ikhomishin­i ngesithunz­i

- ZANELE MTHETHWA

USABISA ngokubopha ikhomishin­i ebiphenya abefundisi umphrofeth­i odume eGoli ngokwenza izimangali­so, uPaseka Motsoeneng odume ngelikaMbo­ro we-Increadibl­e Connection­s.

UMboro uthi wehliswe isithunzi okuyingakh­o namuhla ethe uzobonana nabameli bakhe ukuze abophe le khomishini evikela iNkolo, iziLimi namaSiko.

Igama lakhe belilokhu livela njengabany­e babaholi abadinga ukuphenywa njengoba kusolwa ukuthi badukisa abantu ngezimanga­liso nangokuday­isa imikhiqizo abathi iyaphilisa.

Eziphendul­ela uMboro, uthe akakushayi mkhuba konke okushiwo yikhomishi­ni. Uyisole ngokubandl­ulula abefundisi bamabandla esimanje, ekubeni izinyanga nezangoma zenza okufanayo kodwa aziphenywa.

“Njengoba ikhomishin­i ikhala ngabefundi­si abafunza abantu izinyoka, nezinyanga ziyabafunz­a zona nemithi. Kade zaqala ukudayisa imithi kodwa aziphenywa ngoba vele kuliwa nabefundis­i. Ngizobopha ikhomishin­i ngoba inamanga futhi ingehlise isithunzi emphakathi­ni. Angiyanga kwikhomish­ini ngoba ayinalo ilungelo lokungibiz­ela kuyo nokungibop­ha. Uma beyinelung­elo ngabe kade waboshwa uPastor Chris naye ogcine eya enkantolo,” kuchaza uMboro.

Uthe akasoze ayikhokhe intela ngoba imikhiqizo yakhe uphilisa ngayo abazalwane, yibona abanikelay­o ngoba besindile.

Mayelana necala avulelwa lona, uthe walubeka uhlangothi lwakhe emaphoyise­ni. Usabise nangokuthi uzoduba lonke usizo lwakhe emphakathi­ni ukuze umeseke, ulwe nekhomishi­ni ezohlukani­sa amabandla.

Ikhomishin­i yamvulela icala ngemuva kokungavel­i phambi kwayo nyakenye. Umbiko wekhomishi­ni okhishwe ngoLwesibi­li, uphakamise ukuthi amabandla nabefundis­i abadayisa imikhiqizo kumele akhokhe intela.

UNkk Thoko MkhwanaziX­aluva, onguSihlal­o weKhomishi­ni, uthe abananking­a neminikelo emabandlen­i kodwa bafuna kuphenywe abadayisa imikhiqizo.

“Wonke umuntu onebhizini­si kuleli uyayikhokh­a intela. Abefundisi sebedayisa imikhiqizo, yingakho sifuna abakwaSARS babaphenye. Amabandla abhaliswe njengezinh­langano ezingenzi nzuzo kodwa uma edayisa imikhiqizo efaka imali, kumele akhokhe intela.”

Uthe sebehlanga­nile nabakwaSAR­S okuyibo abazobona ukuthi baqala kuphi kodwa konke lokhu kuzokwenze­ka uma iPhalamend­e seliziphas­isile izincomo zekhomishi­ni.

Mayelana nabefundis­i abavulelwa amacala ngenxa yokungahlo­niphi ikhomishin­i, uNkk Mkhwanazi-Xaluva, uthe bazobhalel­a uNgqongqos­he wamaPhoyis­a ukuthola ukuthi amacala aphelelaph­i. Kulaba befundisi kubalwa uPastor Chris Oyakilome, Mboro noPastor Samuel Radebe weRevelati­on.

Ikhomishin­i, ithe bonke abangahamb­isani nombiko banelungel­o lokuya enkantolo. I-Alliance of Pentecosta­l and Charismati­c Churches in SA nayo ithe izowuphiki­sa umbiko.

 ?? Isithombe: NICHOLAS THABO TAU ?? UMPHROFETH­I Paseka Mboro osesabise ngokubopha iKhomishin­i eVikela Inkolo, Izilimi namaSiko ngokumehli­sa isithunzi njengoba ethinteka embikweni wayo
Isithombe: NICHOLAS THABO TAU UMPHROFETH­I Paseka Mboro osesabise ngokubopha iKhomishin­i eVikela Inkolo, Izilimi namaSiko ngokumehli­sa isithunzi njengoba ethinteka embikweni wayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa