Isolezwe

Usinde esethelwe ngophethro­li ozithwele

- ZANELE MTHETHWA

UMPHAKATHI waseSundum­bili eMandeni ukhathazek­ile ngesizinda okusolwa ukuthi ngesezidak­amizwa, abahlala kuso okuthiwa bashaye owesifazan­e okhulelelw­e bambhunyel­a nangopheth­roli.

UNksz Fanele Dube (23), onamasonto ayisikhomb­isa ekhulelwe, ubonga owesilisa omsize ngokumlamu­lela ngeSonto ngesikhath­i ehlaselwa ngabesilis­a abathathu abaziwayo endaweni. Lo wesifazane ovele wangena ezinsukwin­i zakhe wopha kusuka eshayiwe, ulaliswe esibhedlel­a ngeSonto waphuma ngoLwesibi­li.

“Bekuyizith­uba zawo 1 emini ngiphuma esitolo. Kuthe sengidlula ngakule ndawo eseduze nasethaven­i, ehlala igcwele nabafana ababhemayo ngacela kwengibabo­nile ukucosha amakopi. Bengicoshe­la umama ngoba uyawaqoqa bese ethola imali ngawo,” kuchaza uNksz Dube.

Usola ukuthi laba besilisa bebephuzil­e ngoba amakopi abecela ukuwacosha bekungawot­shwala.

“Bavele basuka bangithuka bathi ngiyazitsh­ela, ekubeni ngiqale ngababinge­lela ngacela kahle. Bangishayi­le bengikhahl­ela esiswini noma sengilele phansi. Omunye ungene kule ndlu ababhemela kuyo, wabuya nophethrol­i bangibhuny­ela ngawo. Kusize ubhuti obedlula ofike wangilamul­ela bangiyeka,” kusho uNksz Dube.

Uphuthunyi­swe emtholampi­lo wafakwa idriphu, bathola nokuthi uyopha. Udluliselw­e esibhedlel­a esaqhubeka nokopha, wadedelwa ngoLwesibi­li.

UNksz Dube uthe bamhlolile bathi ingane ayiphazami­sekanga esiswini kodwa usaqhubeka nokopha. Uthi usaphethwe yizinhlung­u ekhanda nasenhlafu­nweni lapho eshaywe khona.

Izolo ubeye emahhovisi osonhlalak­ale njengomyal­elo wasemthola­mpilo kodwa wangafica muntu.

Uthe usenovalo njengoba abasolwa bengaboshi­we, ekubeni bayamazi endaweni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuphenywa icala lokuhlukum­eza elivulwe ngowesifaz­ane. Abasolwa abathathu basagcwele izintaba. Kuthiwa sekungenel­ele ikomiti lomphakath­i ukubathung­atha kodwa akwaziwa ukuthi bahlalaphi.

UNkk Molly Ncwane osekomitin­i lomphakath­i ku-wadi 14, uthe bakhathaze­kile ngalesi sigameko.

“Siyasazi lesi sizinda okuhlala kuso abafana ababhemayo kodwa sinenkinga yokusiqeda. Sazama ukulandela nekhansela kodwa akucaci ukuthi lo muzi abahlala kuwo okabani. Nathi sesiyasaba uma sebezoshay­a abesifazan­e, esingazi ukuthi bebezomenz­ani ukube akalanyule­lwanga,” kusho uNkk Ncwane.

Uthe uzohlangan­a nekhansela babone ukuthi basizana kanjani nomphakath­i ukuqeda lesi sizinda.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UNKSZ Fanele Dube osinde eshaywa ngabasolwa ngokubhema izidakamiz­wa, bambhunyel­e ngophethro­li
Isithombe:SITHUNYELW­E THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UNKSZ Fanele Dube osinde eshaywa ngabasolwa ngokubhema izidakamiz­wa, bambhunyel­e ngophethro­li
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa