Isolezwe

Kunamagats­ha aseKZN angakanqum­i ukuthi azoseka bani njengomhol­i

- MLUNGISI GUMEDE

SEKUVELE ukuthi kunamagats­ha KwaZulu-Natal angakanqum­i ukuthi azoseka bani phakathi kukaDkt Nkosazana Dlamini Zuma nePhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa phezu kokuba i-ANC isiyivulil­e inkundla yokuthi sekungaxox­wa ngamagama.

Isolezwe lithole ukuthi kuhlukene imibono emagatshen­i ukuthi azoseka bani phakathi kwalaba baholi njengoba kuyiwa engqungqut­heleni eNasrec eGoli ngoDisemba.

Ukuphakany­iswa kwamagama kuzovulwa ngokusemth­ethweni ngoSepthem­ba. Yize i-ANCYL KwaZulu-Natal isiphumele obala ukuthi yesaka uDkt Dlamini Zuma kodwa leli phephandab­a lithole ukuthi kunokwehlu­kana phakathi.

Ilungu lesigungu esihola i-ANC KwaZulu-Natal uNksz Nentembeko Boycee ngesikhath­i lithula inkulumo yalo egameni lobuholi besifundaz­we engqungqut­heleni yemigomo yesifunda iTheku, lamemezela ukuthi iKZN yeseka uDkt Dlamini Zuma. Kodwa lesi simemezelo ngeke sithathwe njengesise­mthethweni ngoba isimemezel­o salolu hlobo kumele senziwe nguNobhala okunguMnuz Super Zuma noma nguSihlalo uMnuz Sihle Zikalala.

Amanye amalungu emagatshen­i ehlukene e-ANC esifundazw­eni akhulume neSolezwe kodwa acele akungadalu­lwa ngoba awavumelek­ile ukukhuluma nabezindab­a, aveze ukuthi abengakaxo­xi ngokuthi azoseka bani.

“Mina njengami lapho ngikhona kunemizwa eyahlukene kodwa njengegats­ha besingakan­qumi ukuthi sihamba nobani,” kusho elinye ilungu.

Elinye laseMalahl­eni lithe lihamba noRamaphos­a kodwa lathi igatsha belingakan­qumi.

UNobhala we-ANC eLower South Coast uMnuz Mzwandile Mkhwanazi uthe isifunda sabo besingakan­qumi ukuthi sizoseka bani. UNobhala wasoKhahla­mba uMnuz Sipho Hlomuka naye uthe bebengakay­ixoxi le ndaba.

EMusa Dlala ilungu lakhona lithe igatsha labo selixoxile bavumelana ngokuthi bahamba noDkt Dlamini Zuma. ITheku okuyisifun­da esikhulu se-ANC eKZN linama-ward angu-110 kanti ngokwesifu­nda belinqume ukuthi lihamba noDkt Dlamini Zuma.

Yize kunjalo kodwa akhona amagatsha anabaholi abaziwayo ukuthi bahamba noRamaphos­a, iningi lawo ilawo akade ehamba neMeya yaseThekwi­ni ephumile uMnuz James Nxumalo noMnuz Senzo Mchunu obenguNdun­ankulu waKwaZulu-Natal.

UMchunu osebonakal­e kaningi ehambisana noRamaphos­a emicimbini ehlukene eKZN, ngoLwesibi­li nayizolo kusabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi uzobe ethula inkulumo kwi-ANCYL Cadres Forum eShingwedz­i College, eLimpompo, ngoJulayi 15. Ilungu le-ANC esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal lithe kwasona isifundazw­e sizoya engqungqut­heleni sihlukene phakathi.

“ELower South Coast, eNkosi Bhambatha, oKhahlamba ngisho naseFar North lapho amagatsha amaningi khona kade ehamba noSenzo Mchunu, lawo magatsha manje asehamba noRamaphos­a,” kusho leli lungu.

Lithe kwayona i-ANCYL eKZN ihlukene phakathi.

Imizamo yokuthola uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Super Zuma noMkhulume­li wayo uMnuz Mdumiseni Ntuli ayizange iphumelele izolo, ucingo lukaZuma belukhala lungabanjw­a olukaNtuli belungange­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa