Isolezwe

URamaphosa ukhuze eyokuzimel­a kweSACP

- BONISWA MOHALE NE-ANA

AWUZANGE ube khona umbango kumaKhoman­isi engqungqut­heleni yokukhethw­a kobuholi kwazise uNobhala-jikelele uDkt Blade Nzimande, uSihlalo uMnuz Senzeni Zokwana, uMgcinimaf­a uNkk Joyce Moloi-Moropa, iPhini likaSihlal­o nguMnuz Thulas Nxesi, bonke babuyele ezikhundle­ni zabo.

Esikhundle­ni sikaMnuz Jeremy Cronin kukhethwe uMnuz Solly Mapaila oyiPhini lokuqala likanobhal­a-jikelele, uMnuz Crist Matlala uyiPhini lesibili kanobhala jikelele.

Iphini likaMengam­eli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa lemukelwe ngengoma ethi Ntate Ramaphosa thibela maGupta okusho ukuthi Bab’ uRamaphosa vimba amaGupta, kule ngqungquth­ela ye-SACP eBoksburg izolo.

URamaphosa uthe umbimbi kumele luqine ngoba kunedlanza­na eliphethe umbuso.

“Kufanele sibambane ngezandla siwumbimbi kungabikho­na abangena okhethweni bexebukile. Kumele sikhulume uma kukhona esingahamb­isani nakho.

“Ngeke ngithule uma umbuso usetshenzi­swa yidlanzana. Ngizokhuza ngoba angifuni izwe lihambe ngingenzan­ga lutho,” kusho uRamaphosa.

Uxwayise i-SACP ngokuthi ingenele ukhetho ngokuzimel­a wathi lokhu akufanele kwenzeke yize kungahambi kahle ombimbini.

“Akufanele sihlukane noma ngabe kwenzekani, kumele sibumbane sibe munye ukuze siqhubeke nokusebenz­ela abantu bakithi.

“Ngiyazi ukuthi kukhona kinina abathi sekufanele i-SACP izimele. Yebo kuzwakala kahle kodwa iqiniso wukuthi akumele sithathe izinqumo ngoba sidiniwe noma sidinwa ngamaGupta nokunye okungasiph­ethe kahle.

“Kumele sizibuze ukuthi kunqoba abantu abanjani, ababumbene noma abayinhlak­anhlaka?” kubuza uRamaphosa.

Uthe ingqungqut­hela yangesonto eledlule ebiseGoli igqugquzel­e ukuthi i-ANC izinuke amakhwapha, igxile ekuzivusel­eleni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa