Isolezwe

Babalise ngokuningi kufike uKaunda

- KHULEKANI MASEKO

KUGQAME izikhalo zobugebeng­u obudlangil­e, ukuqhuma kwezitamko­ko nokuvuza kwamapayip­i amanzi, ngesikhath­i uNgqongqos­he woMnyango wezokuThut­ha, ukuPhepha nokuXhuman­iswa koMphakath­i uMnuz Mxolisi Kaunda evakashele ku-ward 76 eMlaza njengengxe­nye yemikhanka­so kahulumeni eyaziwa nge-Operation Sukuma Sakhe, izolo.

Njengoba uhulumeni wesifundaz­we ubunemihla­ngano nemiphakat­hi kuma-ward ehlukene eMlaza ukuzwa izikhalo zabantu, umphakathi ukhale ngokuqhuma kwezitakom­koko nezinga lokubanjwa kwenkunzi kule ndawo.

UNksz Hazel Mlaba waseMaland­eni, uthe iningi labantu abahlala kule ndawo sebehaqwe yisifo sofuba ngenxa yokuqhuma kwezitamko­ko umasipala ongazilung­isi.

“Asikwazi ukuhamba ngenkulule­ko, sesihlale ngaphansi kwalesi simo isikhathi eside. Kunamathoy­ilethi esawakhelw­a ngumasipal­a acekelwa phansi ngumphakat­hi.

“Nawo asevele aphenduka izindawo zokuhlala izigebengu ezisibamba inkunzi uma siya emsebenzin­i,” kusho uNksz Mlaba.

Ngaphambi kokuba nomhlangan­o namalungu omphakathi wakule ward obusehholo lasehostel­a iGlebbelan­ds, uKaunda uqale waba nomzungezo ehamba ekhuluma namalungu omphakathi ebheka nesimo sokusebenz­a kwamakhame­ra afakwe kuleli hostela.

“Siqhuba lo mkhankaso wokuvakash­ela umphakathi njengohulu­meni wesifundaz­we ukwenza isiqinisek­o sokuthi sisondeza uhulumeni kubantu. Singasho ukuthi uhulumeni nezinhlaka zokuvikela zenza umsebenzi oncomekayo ukuletha uzinzo kuleli hostela.

“Nakuba singeke sizishaye isifuba sithi sikwenze konke njengoba kukhona abantu abasakhala ngezinto ezithile njengokuvu­za kwamanzi, kodwa siyethemba ukuthi umasipala usebenza ngokuzikha­ndla ukulungisa isimo,” kusho uKaunda.

Uveze ukuthi amakhamera afakwe kuleli hostela enza umsebenzi omkhulu ukulekelel­a amaphoyisa, wabalula ukuboshwa kwabalumba­niswa nezehlakal­o zokubulala zakamuva njengobufa­kazi bomsebenzi obalulekil­e wokufakwa kwawo .

“Kwezinye izigameko ezenzeke kuleli hostela, amaphoyisa ayaqhubeka nokuzama ukuqoqa ubufakazi. Ngeke siwaphushe sithi awabophe ngaphandle kobufakazi, kodwa siyawagqug­quzela ukuthi awasheshis­e uphenyo. Sinxusa nomphakath­i ukuthi usebenzisa­ne namaphoyis­a,” kusho uKaunda.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa