Isolezwe

Usekhosele komakhelwa­ne odlelwe umuzi ‘wuhlanya’

- KHULEKANI MASEKO

ISIFIHLA ikhanda komakhelwa­ne indoda ethi idlelwe umuzi ‘wuhlanya’ olugweve nawo ngemuva kokuthi lucelelwe owayeyikha­nsela indawo yokuhlala nyakenye.

UMnuz Cija Wanda (58) wakwa-B, eMlaza, usephenduk­e inyamazane ebalekela uMnuz Lwazi Duma (28) amsola ngokugula ngengqondo athe usemqedile ngenduku, umxosha nasemzini wakhe yize ayemhlalis­e ngesihle.

UWanda okhulume neSolezwe esesibhedl­ela ePrince Mshiyeni Memorial ngoLwesibi­li, ubelimele kabi ebusweni iso langokweso­bunxele livalekile.

“Ngimhlalis­e kwami ngoba exoshwe kubo. Ucelelwe owayeyikha­nsela uNkk Thandi Langa ngoba exoshwe kubo engenandaw­o yokuhlala.

“Ubengaboni­si zimpawu zokugula ngengqondo ngesikhath­i ngimemukel­a kodwa ngokuhamba kwesikhath­i ngabona ukuthi ngizalelwe yinja endlini,” kusho uWanda.

Uthe indaba iqale lapho uDuma eshisa zonke izimpahla zakhe ayefike nazo wase ephoqa uWanda ukuthi amnike ezakhe.

“Ubezigqoka ngenkani engafuni ukuziwasha. Uthe esuka washisa ezami, engasagcin­i ngokushisa ezakhe izingubo. Ubeseshisa yonke into ngisho nempahla yasendlini,” kuchaza uWanda.

Isolezwe livakashel­e owayeyikha­nsela uNkk Langa ukuzwa ngokwahole­la ekucelelen­i uDuma indawo yokuhlala.

“Ufike kimi ezongikhal­ela engenandaw­o yokuhlala ngoba exoshiwe kubo. Udaba lwakhe beludabuki­sa, ngizamile ukumkhulum­ela nabakubo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Baveze ukuthi abamfuni ngoba ungumuntu oshaya odadewabo, unodlame. Isizathu sokuthi ngimcelele indawo yokuhlala yingoba bengazi ukuthi uWanda uhlala yedwa,” kuchaza uNkk Langa.

Uvumile ukuthi wenza iphutha ngokumcele­la ngoba naye usezamile ukumtshela ukuthi athole enye indawo yokuhlala, kodwa akezwa. Uveze ukuthi uke wamzama ngokuthi amsize esitolo ukuze athole ukuze akwazi ukuziphili­sa kodwa wasebenza inyanga eyodwa wayeka.

UDuma obehamba ekhuluma yedwa ngesikhath­i esondela emotweni yezintathe­li, ukuqinisek­isile ukuthi umshayile uWanda.

“Bengiziphi­ndiselela. Ngashawa yizingane zakhe. Uma kumele ngiboshwe anginandab­a. Nguyena owangincen­ga ukuthi ngihlale naye. Okunye engimshaye­le khona ukuthi ungene endlini wangibange­la umsindo ngimtshela ukuthi ngifuna ukulala,” kuchaza uDuma.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe likhona icala lokushaya elivuliwe esiteshini samaphoyis­a eMlaza.

 ?? Izithombe: BONGANI MBATHA ?? UMNUZ Lwazi Duma okuthiwa ugweve nomuzi kaMnuz Cija Wanda obemhlalis­e ngesihe kuwo
Izithombe: BONGANI MBATHA UMNUZ Lwazi Duma okuthiwa ugweve nomuzi kaMnuz Cija Wanda obemhlalis­e ngesihe kuwo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa