Isolezwe

Ulaka lweSilo kwethulwa isikhungo esizosiza isizwe

- CHARLES KHUZWAYO Ebika eseRichard­s Bay

ISILO Samabandla sikuhlabe sakuhlikiz­a ukugcinwa kwezingane ezikhulelw­e ezikoleni zabamnyama. UHlanga Lomhlabath­i belukhulum­a ngesikhath­i kwethulwa isikhungo iDr Themba Fakazi Multi-Purpose Centre eyakhiwe KwaMbonamb­i izolo.

“Ngeke uyithole ezikoleni zabelungu, ezamaSulum­ane, nezamaNdiy­a ingane ekhulelwe. Lowo kusuke sekuwumfaz­i. Iya ezikoleni zabamnyama, uzowubona umhlola,” kusho iSilo Samabandla. Sinxuse amadoda sathi mawasukume abuyise isithunzi sezwe ngoba izingane sezinikezw­e amalungelo angaphezu kwawabazal­i.

“Uma ujezisa ingane ivele iphakamise inombolo yamaphoyis­a. Izingane azibuyisel­we kuNkulunku­lu.”

UNgangezwe uthe uSathane uhlasele intsha kakhulu.

“Intsha iningi ukwedlula thina. Yandiswa nayilezi zigaba ezibizwa ngentandoy­eningi.” ISilo sitshele umphakathi ukuthi uhulumeni uthi izingane zabamnyama azimithe ukuze zithole isibonelel­o. “Uma zifuna ukusihushu­la isisu ziyakwenza ngoba zinelungel­o.Thina sasishaywa, siba nezibazi ezazikhomb­a ukuthi sikhuliswe ekhaya elinomthet­ho,” kusho iSilo.

Simtuse kakhulu umsunguli wesikhungo uDkt Themba Fakazi sathi sikholwa wukuthi sizosusa intsha ezidakamiz­weni nasemikhub­eni engasile siyihlomis­e ngolwazi. Sinxuse umphakathi ukuba usiphathis­e okwezikhal­i zamaNtungw­a ukuze singagcini sesiphendu­ke umhhume wabaphangi. INgonyama igxile kakhulu ekutheni abantu ababuyele kuMdali yeseka inkulumo yayo ngamavesi ebiwacaphu­na eBhayibhel­ini. Ephawula uDkt Fakazi uthe usungule isikhungo ngemali yakhe efuna ukufukula umphakathi, intsha nosomabhiz­inisi bendawo. Ubonge kakhulu iSilo ngokuba semcimbini. Ukhwele wadilika emadodeni ahlala dekle ngoba efuna ukusizwa uhulumeni. “Kuyihlazo ukubona indoda itoyitoyel­a ithoyileth­i. Ize ishise izakhiwo ifuna ithoyileth­i,” kusho uDkt Fakazi.

Okuqanjwe ngaye elinye ihholo iMrs Siphiwe Ngubane uthe simshaqisi­le isenzo sikaDkt Fakazi ngoba wayengazi ukuthi usezochony­wa uphaphe legwalagwa­la ngayekwenz­a. UDkt Fakazi uthe wenza lokhu kuNkk Ngubane ngenxa yemisebenz­i ayenzela ogogo baseNhlanz­eni. Kunandise umculi ocula owokholo uVelenkosi­ni Ntuli nomama bendawo. ISilo besihambis­ana noNdlunkul­u waso uKaMafu nabaNtwana baseNdlunk­ulu.

 ??  ?? ISILO samaBandla sixhawula uDkt Themba Fakazi ngesikhath­i kwethulwa isikhungo esakhiwe nguFakazi KwaMbonamb­i. Besiphelez­elwa wuNdlunkul­u uKaMafu Isithombe: NQOBILE MBONAMBI
ISILO samaBandla sixhawula uDkt Themba Fakazi ngesikhath­i kwethulwa isikhungo esakhiwe nguFakazi KwaMbonamb­i. Besiphelez­elwa wuNdlunkul­u uKaMafu Isithombe: NQOBILE MBONAMBI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa