Isolezwe

Ushonele esibhedlel­a olimale engozini yemoto

- ZANELE MTHETHWA

SEKUMENELE umfana obekubanjw­e umoya ukuthi asinde esibhedlel­a, obesengozi­ni ebhubhise umndeni eMhlanga ngoMgqibel­o.

U-Akwande Ntuli (18), obekunguye yedwa osele esibhedlel­a engozini eyenzeka emgwaqweni u-R102 ngaseMhlan­ga, ushone izolo esibhedlel­a. Ubelokhu esegunjini labagula kakhulu kusukela wangeniswa esibhedlel­a ngoMgqibel­o ebusuku. U-Akwande kuthiwa ubefunda uGrade 12 eZiphembel­eni High, eMatendeni, eNanda. Isibalo sabashone kule ngozi sigcine sesifinyel­ele kwabayisik­hombisa. Umndeni wakwaNtuli yiwo oshonelwe kakhulu njengoba sebebane abadlulile.

UNksz Philisiwe Ntuli (30) okhulumela umndeni, uthe umfowabo omncane ushone izolo ekuseni esibhedlel­a. UNksz Ntuli ongasenaye uyise, usesele nomunye umfowabo omncane obengekho engozini. Ushonelwe ngunina uNkk Noxolo Ntuli (49), udadewabo uLungile (28) nobabekazi uMathoza (42). Kushone noNksz Thabile Ndebele (42) waseNtuzum­a G, obeshayela imoto iSuzuki obengumnga­ni kaNkk Ntuli abebesonta ndawonye.

UNksz Ntuli uthe bahlele ukungcwaba ndawonye wonke umndeni noNksz Ndebele ngoba bebesonta ndawonye.

“Sihlele ukuzingcwa­bela siwuhlanga­nise umngcwabo wabo bonke ngempelaso­nto. Bazongcwat­shwa ngoMgqibel­o, inkonzo izohlangan­iswa ehholo lomphakath­i eNtuzuma. Usisi Thabile ubengumnga­ni omkhulu kamama futhi sisonta naye koFakazi bakaJehova,” kusho uNksz Ntuli.

UMnuz Mluleki Mntungwa okhulumela uMnyango wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i esifundazw­eni uthe umndeni wakwaNtuli bawulekele­le ukuxhumana nabeRoad Accident Fund.

“Inselelo yethu kube ukuthi omunye umndeni asikwazang­a ukuxhumana nawo ukuze kuhlangani­swe umngcwabo noma inkonzo yesikhumbu­zo,” kusho uMntungwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa