Isolezwe

Bacijwe ngezifundo ezahlukene othisha

- MHLENGI SHANGASE

BADELE amaholidi babuthana enyuvesi yaKwaZulu-Natal ophikweni lwaseWestv­ille eThekwini othisha bezikole ezingenzan­ga kahle kwa-matric ngonyaka odlule bezocijwa ngokuseben­zisa ubuchwephe­she uma befundisa.

Labo thisha abaqhamuka ezikoleni ezehlukene ezifundeni ezingu-12 zakulesi sifundazwe, bacijcwa ngezifundo ezehlukene okubalwa iMaths, Maths Literacy, Geography, Accounting, Business Studies nezinye izifundo.

UMnuz Mbongiseni Mazibuko, obhekele uhlelo lokufunda nokufundis­a eMnyangwen­i wezeMfundo esifundazw­eni, uthe inhloso yokuhlanga­nisa othisha bezikole ezingenzan­ga kahle ukubacija ngezobuchw­ephese ukuze babusebenz­ise uma sebefundis­a.

Uthe bekungokok­uqala kuba nengqungqu­thela efuze le kulesi sifundazwe ethinta ukusebenzi­sa ubuchwephe­she uma ufundisa.

“Sithathe kakhulu abafundisa ezikoleni zamabanga aphezulu ikakhulu u-matric kodwa inhloso wukuthi wonke uthisha kudingeka akwazi ukufundisa esebenzisa ubuchwephe­she.

“Lokhu kuzosiza yena uthisha njengoba sisabalali­sa ama-laptop ezikoleni,” kusho uMazibuko.

UMazibuko uthe baqale uhlelo abalwenza ezikoleni ezingu-60 kulesi sifundazwe lapho behambise khona ama-tablet nama-laptop kulezi zikole.

“Sisebenzis­ana nenkampani iNdabase Printing, esisabalal­isela izincwadi ezikoleni esenza nayo uhlelo lokusabala­lisa ubuchwephe­she ezikoleni.

“Sihambisa ama-tablet anazo zonke izifundo uthisha afundisa ngazo.

“Lolu hlelo ludle u-R60million kanti sihlela ukuthi senabele nakwezinye izikole esifundazw­eni,” kusho uMazibuko.

Isikhulu seNdabase, uMnuz Thanda Nyide, sithe ama-tablet nama-laptop ahanjiswa ezikoleni ngeke kube lula ukuthi ebiwe ngoba bawafaka esisefeni esingasuku­mi phansi.

UNyide uthe bahambisa namabhodi amhlophe, uhlelo lokuthi uthisha akwazi ukufundisa amakilasi amabili ehlukene ngesikhath­i esisodwa esebenzisa ubuchwephe­she.

“Siqale ezikoleni zasemakhay­a kanti ngeke ukwazi ukuweba lama-tablet njengoba kuhlale kubikwa kwezinye izifundazw­e ukuthi ayantshont­shwa. Siwafaka esisefeni esingasuki phansi futhi esingagqek­ezeki.”

UDkt Ngogi Mahaye, obhekele izinhlelo zokuphucul­a imiphumela ehhovisi likaNgqong­qoshe wezeMfundo, uthe le ngqungquth­ela izosiza kakhulu njengoba ubuchwephe­she bubaluleki­le kwezemfund­o.

“Noma kunjalo kodwa uthisha ngeke aphelelwe umsebenzi ngenxa yobuchweph­eshe uyadingeka ngoba nguyena ongumgogod­la wemfundo. Siyabacija ukuthi bakwazi ukusebenzi­sa ubuchwephe­she ikakhulu ukuphucula imiphumela yabafundi,” kusho uMahaye.

 ?? Isithombe: SIBONELO QWABE ?? ISIKHULU esibhekele uhlelo lokufunda nokufundis­a eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mbongiseni Mazibuko nomunye wabaqondis­i beNdabase Printing esabalalis­a izincwadi namatablet ezikoleni uMnuz George Manthata
Isithombe: SIBONELO QWABE ISIKHULU esibhekele uhlelo lokufunda nokufundis­a eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mbongiseni Mazibuko nomunye wabaqondis­i beNdabase Printing esabalalis­a izincwadi namatablet ezikoleni uMnuz George Manthata

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa