Isolezwe

Umculi unikele ngo-R50m esibhedlel­a

- THOBEKA NGEMA

UNIKELE ngo-R50million esibhedlel­a sezingane saseThekwi­ni umculi waphesheya uSir Elton John.

IKwaZulu-Natal Children’s Hospital iseduze kwe-Addington, eSouth Beach. Kanti lo mculi wase-England owahlonish­wa yiNdlovuka­zi yamaNgisi njengoba esebizwa ngoSir, unikele ngemali eyenziwe emcimbini wakhe obizwa nge-Elton John Aids Foundation Dinner obuseLondo­n.

Isikhulu esiphezulu seKwaZulu-Natal Children’s Hospital, uDkt Arthi Ramkissoon, sithe bayajabula ukuthola lo mnikelo ngoba uzobasiza ukuvuselel­a isibhedlel­a sezingane okungumseb­enzi abawuqale eminyakeni emine edlule.

Uthe bazokwazi ukuthola odokotela abagxile ezinkingen­i zentsha bathenge nezinye izinsiza zokusebenz­a esibhedlel­a.

“Umnikelo ka-Elton John siwuthole emuva kokumcela ukuthi asivakashe­le ngesikhath­i ehambele i-Internatio­nal Aids Conference ngo-2016. Sasingalin­dele ukuthi uzovuma ukusivakas­hela kodwa wahamba nathi wayolalela izingane ezilashwa esibhedlel­a wase evuma ukusinikel­ela.

“Bakwaze ukuqoqa u-R50million emcimbini wakhe i-Elton John Fundraisin­g Dinner obuseLondo­n ngoJuni 2,” kusho uDkt Ramkissoon.

Uthe ngaphezu komnikelo ka-Elton John bathole u-R70million eMnyangwen­i wezeMpilo KwaZulu-Natal ukuze bavuselele ingqalasiz­inda yesibhedle­la. Kanti lo mnyango uzibopheze­le ukuthi uzobhekele­la izindleko zokusebenz­a kwesibhedl­ela okubalwa ezabaseben­zi, imithi nama-laboratory uma isibhedlel­a sesisebenz­a.

Isibhedlel­a sezingane sasibizwa nge-Addington Childrens Hospital, sasilapha zonke izingane kusukela ngo-1931. Savalwa ngesikhath­i sobandlulu­lo ngama-1980s sagcina sesibhidli­ka ngoba singasanak­iwe.

Umsebenzi wokusivuse­lela uqale ngoJulayi 2013 njengoba sizoba negumbi lokunakeke­la intsha ephila ne-HIV.

NgoJuni 24 kulo nyaka i-Elton John Foundation ibhale ekhasini layo likaFacebo­ok ithi ibonga abaxhasi bayo abanikele ngo3millio­n Pounds.

“Imali izosiza abantu abaphila neHIV emhlabeni jikelele ikakhuluka­zi intsha ezovulelwa igumbi elizoba nemishangu­zo yayo eKwaZulu-Natal Childrens Hospital, eThekwini, eNingizimu Afrika,” kusho abe-Elton John Foundation.

U-Elton John uqale ukusiza abaphila ne-HIV ngo-1993 waze wasungula nenhlangan­o yakhe ukuze abanalesi sifo bathole imishanguz­o, balulekwe emoyeni, bathole ukudla nezinye izinsiza ezizokwenz­a impilo yabo ibe mnandi.

 ??  ?? ULINDIWE Nyathikazi oyinxusa leKZN Children’s Hospital Trust, uSir Elton John no-Dkt Arthi Ramkissoon owumsungul­i nesikhulu seKZN Children’s Hospital Trust
ULINDIWE Nyathikazi oyinxusa leKZN Children’s Hospital Trust, uSir Elton John no-Dkt Arthi Ramkissoon owumsungul­i nesikhulu seKZN Children’s Hospital Trust

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa